Ikhono LikaMakhaye N J Lokubhala Inoveli Engajwayelekile Nokuchaza Esebenzisa Ulimi Olunothile Enovelini Yakhe Ethi: Uze Ungikhonzele

dc.contributor.authorMthiyane, Thembinkosi Radaford
dc.date.accessioned2023-03-14T09:14:10Z
dc.date.available2023-03-14T09:14:10Z
dc.date.issued2021
dc.descriptionA thesis submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Doctor of Arts in the Department of Arts and Culture at the University of Zululand, South Africa, 2021.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo lucubungula ikhono likaMakhaye N.J. lokubhala inoveli engajwayelekile ethatha usuku olulodwa nokusebenzisa ulimi olunothile uma echaza. Ucwaningo luzama ukuveza ukuthi inoveli iyakwazi ukuthatha isikhathi esifishane. Lokhu kuhlukile enkolelweni ongoti abaningi nababhali bamanoveli abakholelwa ekutheni inoveli kumele ithathe isikhathi eside. UMakhaye usebenzise amasu ahlukene ukubambezela inoveli yakhe ukuthi ingasheshe iphele. Ucwaningo lubuye lugxile kabanzi ekusetshenzisweni kwesifaniso namagama akhethekile enovelini kaMakhaye. Inhloso yalokhu ukunothisa ulimi kule noveli okucwaningwa ngayo. Ucwaningo luphinde lubheke ikhono likaMakhaye elikhethekile neliyingqayizivele lokuchaza kahle abalingiswa kanye nezinto ezivela enovelini yakhe. Lolu cwaningo lunezahluko eziyisishiyagalombili ezihleleke kanje: Isahluko sokuqala siyisingeniso socwaningo lapho kubhekwa khona izinhloso zocwaningo , ingqinamba yocwaningo, intshisekelo yocwaningo, imibuzongqangi, indlela yokuqhuba ucwaningo nomklamo wocwaningo. Isahluko sesibili sizogxila emibonweni yongoti bamanoveli abahlukene. Kuzovezwa izindlela ezahlukene abachaza ngazo inoveli kuqhathaniswa nenoveli kaMakhaye engajwayelekile. Isahluko sesithathu sizoveza izinsizakuhlaziya ezizosetshenziswa kulo cwaningo. Ucwaningo luzogxila kulezi ezilandelayo: Insizakuhlaziya eqanjwe ngomsunguli wayo uKarl Marx, Insizakuhlaziya Yokulandisa, Insizakuhlaziya Ebuka Ngeso Lomfundi kanye nensizakuhlaziya Ethinta Amasiko Nezithombe Isahluko sesine sizoveza iqoqa lenoveli yonke kanye namasu okubhala atholakala enovelini kaMakhaye. Isahluko sesihlanu sona sigxile emagameno akhethekile kanye nokufanisa okusetshenziswe kule noveli. Isahluko sesithupha sikhuluma ngekhono likaMakhaye lokuchaza kahle abalingiswa. Isahluko sesikhombisa sigxile ekhonweni likaMakhaye lokuchaza kahle izinto ezisetshenziswe enovelini yakhe. Isahluko sesishiyagalombili siveza imiphumela, iziphakamiso kanye nesiphetho socwaningo.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/2069
dc.language.isoenen_US
dc.publisherUniveristy of Zululanden_US
dc.subjectMakhaye N.J.en_US
dc.subjectIkhono likaMakhaye ekuchazeni kahle abalingiswaen_US
dc.subjectUkusetshenziswa kwezifanisoen_US
dc.subjectUkusetshenziswa kwamagama akhethekile enovelinen_US
dc.titleIkhono LikaMakhaye N J Lokubhala Inoveli Engajwayelekile Nokuchaza Esebenzisa Ulimi Olunothile Enovelini Yakhe Ethi: Uze Ungikhonzeleen_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Ikhono LikaMakhaye N J Lokubhala Inoveli Engajwayelekile Nokuchaza Esebenzisa Ulimi Olunothile Enovelini Yakhe Ethi Uze Ungikhonzele.pdf
Size:
969.67 KB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Ikhono LikaMakhaye N J Lokubhala Inoveli Engajwayelekile Nokuchaza Esebenzisa Ulimi Olunothile Enovelini Yakhe Ethi: Uze Ungikhonzele
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.83 KB
Format:
Plain Text
Description:
Collections