Ikhono LikaMakhaye N J Lokubhala Inoveli Engajwayelekile Nokuchaza Esebenzisa Ulimi Olunothile Enovelini Yakhe Ethi: Uze Ungikhonzele
Date
2021
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Univeristy of Zululand
Abstract
Lolu cwaningo lucubungula ikhono likaMakhaye N.J. lokubhala inoveli engajwayelekile
ethatha usuku olulodwa nokusebenzisa ulimi olunothile uma echaza.
Ucwaningo luzama ukuveza ukuthi inoveli iyakwazi ukuthatha isikhathi esifishane. Lokhu
kuhlukile enkolelweni ongoti abaningi nababhali bamanoveli abakholelwa ekutheni inoveli
kumele ithathe isikhathi eside. UMakhaye usebenzise amasu ahlukene ukubambezela
inoveli yakhe ukuthi ingasheshe iphele.
Ucwaningo lubuye lugxile kabanzi ekusetshenzisweni kwesifaniso namagama akhethekile
enovelini kaMakhaye. Inhloso yalokhu ukunothisa ulimi kule noveli okucwaningwa ngayo.
Ucwaningo luphinde lubheke ikhono likaMakhaye elikhethekile neliyingqayizivele
lokuchaza kahle abalingiswa kanye nezinto ezivela enovelini yakhe.
Lolu cwaningo lunezahluko eziyisishiyagalombili ezihleleke kanje:
Isahluko sokuqala siyisingeniso socwaningo lapho kubhekwa khona izinhloso
zocwaningo , ingqinamba yocwaningo, intshisekelo yocwaningo, imibuzongqangi, indlela
yokuqhuba ucwaningo nomklamo wocwaningo.
Isahluko sesibili sizogxila emibonweni yongoti bamanoveli abahlukene. Kuzovezwa
izindlela ezahlukene abachaza ngazo inoveli kuqhathaniswa nenoveli kaMakhaye
engajwayelekile.
Isahluko sesithathu sizoveza izinsizakuhlaziya ezizosetshenziswa kulo cwaningo.
Ucwaningo luzogxila kulezi ezilandelayo: Insizakuhlaziya eqanjwe ngomsunguli wayo
uKarl Marx, Insizakuhlaziya Yokulandisa, Insizakuhlaziya Ebuka Ngeso Lomfundi kanye
nensizakuhlaziya Ethinta Amasiko Nezithombe
Isahluko sesine sizoveza iqoqa lenoveli yonke kanye namasu okubhala atholakala
enovelini kaMakhaye.
Isahluko sesihlanu sona sigxile emagameno akhethekile kanye nokufanisa
okusetshenziswe kule noveli.
Isahluko sesithupha sikhuluma ngekhono likaMakhaye lokuchaza kahle abalingiswa.
Isahluko sesikhombisa sigxile ekhonweni likaMakhaye lokuchaza kahle izinto
ezisetshenziswe enovelini yakhe.
Isahluko sesishiyagalombili siveza imiphumela, iziphakamiso kanye nesiphetho
socwaningo.
Description
A thesis submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Doctor of Arts in the Department of Arts and Culture at the University of Zululand, South Africa, 2021.
Keywords
Makhaye N.J., Ikhono likaMakhaye ekuchazeni kahle abalingiswa, Ukusetshenziswa kwezifaniso, Ukusetshenziswa kwamagama akhethekile enovelin