Browsing by Author "Khumalo, Khayelihle"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
- ItemUkungafundiswa Kwezilimi Zesintu kwi-NCV Emakolishi Emfundo Yamakhono (TVET Colleges) Ucwaningosimo Kubhekwa Isizulu Emakolishi Amabili KwaZulu-Natal(University of Zululand, 2020) Khumalo, KhayelihleIsahluko sokuqala Isahluko sokuqala sibeke isethulo socwaningo esihlelwe ngokulandela lezi zihlokwana: isingeniso, intshisekelo yocwaningo, izinhloso zocwaningo, izindlela zokuqhuba ucwaningo, imiklamo yocwaningo, inkambiso elungileyo yocwaningo, imibono yongoti, abazohlomula kulolu cwaningo, uhlaka lwezahluko kanye nesiphetho. Isahluko sesibili Lesi yisahluko esigxile kakhulu ezindleleni namathuluzi azosetshenziswa ukuqoqa ulwazi kulolu cwaningo kanye nezinjulalulwazi ezizotshenziswa. Kuzoqale kuphawulwe ngezinhlobo ezahlukene zamapharadiyamu bese kugxilwa kuleyo ezosetshenziswa kulolu cwaningo. Ekugcineni kuzobhekwa izinjulalulwazi ezizosetshenziswa kulolu cwaningo. Isahluko sesithathu Lesi yisahluko sokubuyekezwa kwemibhalo. Kuzobhekwa lokho osekubhaliwe kanye nalokho osekucwaningiwe mayelana nokungafundwa kolimi lwesiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kucashunwe imisebenzi yabacwaningi abehlukahlukene asebeke bacwaninga ngokungasetshenziswa kolimi lwesiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kuzobhekwa lokho osuke kwabhalwa maqondana nokunganikwa kolimi lwesiZulu isithunzi esilufanele. Isahluko sesine Kulesi sahluko kuzokwethulwa lonke ulwazi olutholakele emaKolishi lokufundela amakhono aqokiwe. Lesi sahluko siwumongo wocwaningo. Lapha kuzolethwa ulwazi olutholwe kubafundi, abafundisi nabaphathi basemaKolishi amakhono aqokiwe olumaqondana nokungafundiswa kolimi lwesiZulu. Isahluko sesihlanu Isahluko sesihlanu siqukethe isihlaziyo jikelele socwaningo, izincomo zocwaningo kanye nesiphetho socwaningo. Isincomo esikhulu esokuba ehulumeni abukeze umthetho olawula ukuxutshwa kwezifundo ze-NCV ukuze kuvulwe nesikhala sezilimi zendabuko kuwo wonke amakolishi amakhono (TVET Collages) eNingizimu Africa