Ukungafundiswa Kwezilimi Zesintu kwi-NCV Emakolishi Emfundo Yamakhono (TVET Colleges) Ucwaningosimo Kubhekwa Isizulu Emakolishi Amabili KwaZulu-Natal
Loading...
Date
2020
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Isahluko sokuqala
Isahluko sokuqala sibeke isethulo socwaningo esihlelwe ngokulandela lezi zihlokwana: isingeniso, intshisekelo yocwaningo, izinhloso zocwaningo, izindlela zokuqhuba ucwaningo, imiklamo yocwaningo, inkambiso elungileyo yocwaningo, imibono yongoti, abazohlomula kulolu cwaningo, uhlaka lwezahluko kanye nesiphetho.
Isahluko sesibili
Lesi yisahluko esigxile kakhulu ezindleleni namathuluzi azosetshenziswa ukuqoqa ulwazi kulolu cwaningo kanye nezinjulalulwazi ezizotshenziswa. Kuzoqale kuphawulwe ngezinhlobo ezahlukene zamapharadiyamu bese kugxilwa kuleyo ezosetshenziswa kulolu cwaningo. Ekugcineni kuzobhekwa izinjulalulwazi ezizosetshenziswa kulolu cwaningo.
Isahluko sesithathu
Lesi yisahluko sokubuyekezwa kwemibhalo. Kuzobhekwa lokho osekubhaliwe kanye nalokho osekucwaningiwe mayelana nokungafundwa kolimi lwesiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kucashunwe imisebenzi yabacwaningi abehlukahlukene asebeke bacwaninga ngokungasetshenziswa kolimi lwesiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kuzobhekwa lokho osuke kwabhalwa maqondana nokunganikwa kolimi lwesiZulu isithunzi esilufanele.
Isahluko sesine
Kulesi sahluko kuzokwethulwa lonke ulwazi olutholakele emaKolishi lokufundela amakhono aqokiwe. Lesi sahluko siwumongo wocwaningo. Lapha kuzolethwa ulwazi olutholwe kubafundi, abafundisi nabaphathi basemaKolishi amakhono aqokiwe olumaqondana nokungafundiswa kolimi lwesiZulu.
Isahluko sesihlanu
Isahluko sesihlanu siqukethe isihlaziyo jikelele socwaningo, izincomo zocwaningo kanye nesiphetho socwaningo. Isincomo esikhulu esokuba ehulumeni abukeze umthetho olawula ukuxutshwa kwezifundo ze-NCV ukuze kuvulwe nesikhala sezilimi zendabuko kuwo wonke amakolishi amakhono (TVET Collages) eNingizimu Africa
Description
A dissertation submitted to the faculty of Arts in the fulfilment of the requirements for the degree of Masters of Arts in the department of African languages at the University of Zululand, South Africa, 2020
Keywords
Ukubaluleka lo lwilesizulu, Ukufundwiswa nge Izilimi zesintu, Ukufakwa kwezilimu zendabuko emakolishi