Ucwaningo ngomonakalo owenziwe ngamalungelo esintu

dc.contributor.advisorKhumalo, Z.L.M.
dc.contributor.authorMbatha, Lindiwe Theodora
dc.date.accessioned2010-03-04T06:39:19Z
dc.date.available2010-03-04T06:39:19Z
dc.date.issued2009
dc.descriptionSubmitted in partial fulfillment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2009.en_US
dc.description.abstractEkugunyazweni ngokusemthethweni kwamalungelo abantu, uyabonakala umonakalo odalwa ukusetshenziswa kabi kwamalungelo. Ucwaningo lugxile kulowo monakalo obonakalayo nokuthi yini engenziwa ukwenza ngcono ukusetshenziswa kwamalungelo angezukuhlukumeza omunye umuntu, kodwa avikele wonke umuntu njengesakhamuzi nesidalwa esingumuntu esimele ukuphila impilo ecocekile. Isahluko sokuqala kuhlahlwe indlela yocwaningo, kuvezwa inhloso enkulu yalolu cwaningo kanye nentshisekelo okuwukuqwashisa isizwe ngenhlekelele engavezwa ukusebenzisa kabi amalungelo. Umklamo uqoqile lokho okuzodingidwa ngamalungelo. Ucwaningo luvezile ukuthi obani okumele bahlomule. Imibono yongoti ilunothisile ucwaningo. Isahluko sesibili siveza amalungelo aphathelene nezakhamuzi kanye nezombusazwe, kwagxilwa kulawo malungelo okubonakala kuwo umonakalo. Ucwaningo luvezile izindlela ezehlukene ezehlisa isithunzi somuntu ngokusebenzisa kabi amalungelo, ukungabekezelelani emikhakheni enhlobonhlobo yempilo okuletha ukudideka okukhulu ngamalungelo. Isahluko sesithathu sidingida amalungelo aphathelene nenhlalakahle kanye nezomnotho. Ucwaningo luvezile ukuthi yiziphi izinto ezikhinyabeza inhlalakahle yabantu nokuthi isimo sezomnotho sinamuphi umthelela kuyinhlalakahle yabantu. Ucwaningo lucacise ngokusobala ukuthi nakuba abantu yenziwa imizamo yokulwa nobubha, basayenza inkohlakalo ebabeka engcindezini yokuhlupheka. Isahluko sesine kucutshungulwe amalungelo aphathelene nemvelo, ukuzithuthukisa kanye nelungelo eliphathelene nesiko. Ucwaningo lugxilile kumonakalo owenziwa kuyimvelo, ziveziwe izindlela zokuzithuthukisa. Umonakalo uveziwe yilolu cwaningo mayelana nesiko elibukeka kungeyona indlela yempilo ngoba kukhonzwe amasiko ezinye izizwe. Isahluko sesihlanu siqukethe isihlaziyo socwaningo, kuvezwa konke okuthiwe kuzolandelwa okukhombisa umonakalo. Ucwaningo lwenze iqoqa lawo wonke umonakalo ovele ezahlukweni ezehlukene. Ucwaningo lubuye lwadingida izincomo ezihambisana nawo wonke umonakalo ovezwe ezahlukweni ezehlukene. Ucwaningo belungahlabi ngqo ilungelo kodwa bekwenziwa izichibiyelo zokulungisa lokho okubonakala kuwumonakalo ngenxa yokusebenzisa ilungelo kabi. Esiphethweni salolu cwaningo zinconyiwe izinhlelo ezinegalelo ekususeni inkungu yokungazi ngamalungelo ukuthi kumele asetshenziswe kanjani.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/267
dc.language.isozuen_US
dc.subjectHuman rightsen_US
dc.titleUcwaningo ngomonakalo owenziwe ngamalungelo esintuen_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
L.T. MBATHA.pdf
Size:
474.16 KB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.8 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: