Injula yesithembu ikakhulukazi esizweni samaZulu

dc.contributor.advisorKhumalo, Z.L.M.
dc.contributor.authorMthembu, Vusumuzi Joseph
dc.date.accessioned2012-09-07T09:34:35Z
dc.date.available2012-09-07T09:34:35Z
dc.date.issued2000
dc.descriptionSubmitted to the Faculty of Arts in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2000.en_US
dc.description.abstractLolu ewaningo Iwenzelwe ukuqhakambisa iZinga lenhlonipho elitholakala esithenjini. Kuzovela ukuthi amadoda, abafazi, izinsizwa, izintombi ezisesithenjini zithi zihlonipha zibe zizihlonipha. Yilowo nalowo akafuni ukuphoxa umuzi wakwabo. Izintombi zomuzi, azifuni ukushiya imilanjwana ngoba ziyazi ukuthi yephuca onina inkomo yohlanga. Lokho kumenza Iowa onentombazane ezalele ekhaya, ezizwe ejezisekile emehlweni kaSokhaya kanye nawesigodi sonke jikelele. Yingakho amantombazane esigodi aye athi athukiwe nxa kukhona insizwa ekhulelise intombazane yesigodi, bese efuna ukugezwa ngembuzi ezobulawa engayidli nokuyidla, ngoba eyithatha njengento edala amashwa namashangusha. Kwamuzi onale ntombazane uze ugcine ugezwe ngenkomo okuthiwa ngeyombhubuzo. Ngamantombazane ehlelwe yilo mshophi agcina eganiselwe amakhehla, ayokwandisa izithembu zamakhehla, ezingatholi ngisho isikhundla sokuba indlu yokugugela ngenxa yokuthi eze ngesijeziso. Lesi sihloko sikhethwe nangenxa yokujula kwaso ekuvezeni amagama ezindlu emzini onesithembu. Kulolu khalo siqonde indlunkulu, ikhohlo, iqadi, isokanqangi kanye namabibi. La magama nje ewodwa ayalwandisa ulimi IwesiZulu. Inhlonipho kankosikazi wasendlunkulu ithe thuthu ngezinga kuneyasekhohlo. Inkosikazi yaseqadini ingena endlunkulu. Kuzocaciswa inzululwazi nezinjulamqondo eziqukethwe yisithembu. Lolu Iwazi luzokwelekelela luthandaniswe nezinsalela zesithembu ezisekhona ukuze kujeqezwe emuva kubuye kugqolozelwe phambili. Lokhu kuzogcina kuveze isithombe sokuthi izolo, inamuhla nekusasa kungenziwa kufane uma ulwazi 4 olugoliwe lufakwe emiqingweni yamabhuku. Bese kuthi zonke izizukulwane eziyolandela. ziluthole lolu Iwazi lukhweziwe Iwalondolozeka kahle. Kumele ukuba abacwaningi balwenze lube ugume kumbe ukhothe Iona olungaboli izizukulwane ngezizukulwane. Lokho kuyokwenza ukuba umuntu athele esandleni afumbele emlonyeni, ashaye esentwala qede ashaye amanhlakomuzi. Ngalokho sihlose ukuveza iqiniso lokuthi lolu cwaningo akulona olokugcina kepha wumzamo wokuthundlaza indlela eyohamba abafowethu nodadewethu abayolandela ukuze bavule 10 mendo ube umgwaqo.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/1119
dc.language.isozuen_US
dc.publisherUniversity of Zululanden_US
dc.subjectCustomary marriageen_US
dc.subjectPolygamyen_US
dc.titleInjula yesithembu ikakhulukazi esizweni samaZuluen_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Injula Yeithembu Ikakhulukazi esizweni samazulu - VJ Mthembu.pdf
Size:
2.31 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.71 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: