Ucwaningo olunzulu ngemigubho yamanazaretha kugxilwe emkhosini weNhlalisuthi noJamengweni

dc.contributor.advisorKhumalo, Z.L.M.
dc.contributor.authorMnqayi, Joyce Khanyisiwe
dc.date.accessioned2012-08-16T12:11:52Z
dc.date.available2012-08-16T12:11:52Z
dc.date.issued2010
dc.descriptionSubmitted to the Faculty of Arts in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2010.en_US
dc.description.abstractLona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nemigubho egujwa ebandleni lamaNazaretha, lugxile emigubheni yeNhlalisuthi noJamengweni. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo, intshisekelo / inkuthazo yocwaningo, indlela yokuqhuba ucwaningo, imidiyo / imiklamo yocwaningo, abazohlomula kulolu cwaningo kanye nezingqinamba ucwaningo olungase luhlangabezane nazo. Isahluko sesibili sethula izinsizakuhlaziya ucwaningo oluzohamba phezu kwazo. Izinsizakuhlaziya zizosiza ucwaningo ukuthi lungantengantengi kodwa luhambe phezu kwesisekelo esisekelwe izinsizakuhlaziya. Isahluko sesithathu sethula imvunulo yezinhla zonke zaleli bandla. Kuqalwe ngemvunulo yeNhlalisuthi yabekwa yalamaniswa ngononina nangesinono sekati. Kulandela imvunulo yezinzalabantu nayo ibekwe yalanyaniswa ngononina. Eyezintombi nayo ibe isilandela yabekwa nayo futhi ngononina. Ekugcineni kube sekulandela eyezinsizwa. Ezinsizweni kuqalwe ngesikotshi esibomvu kwagcina esimnyama. Izithombe zemvunulo yonke ngokwezinhla ifakwe ocwaningweni ukulekelela abangayazi ngamehlo enyama ukuba bayibone ezithombeni ocwaningweni. Konke lokhu kuhambisana nenjula yaleyo naleyo mvunulo ngokwebandla nesintu jikelele. Isahluko sesine sethula imigidi isisesigcawini. Lesi sahluko sibuye sithaphuze imithetho okumele ilandelwe uma ilunga lizozibandakanya emgidini. Imithetho ibekwe ngokwezinhla zaleli bandla. Kuqale imithetho yeNhlalisuthi, kwalandela eyoJamengweni, kwalandela eyezintombi kwagcina izinsizwa. Kubalulekile ukuthi ilungu nelungu lizibophezele ekugcineni le mithetho futhi liyigcine ukuze libe yingxenye yaleso naleso sigaba nokwenza kwaso. Isahluko sesihlanu simayelana nokuhlaziya nokuphothulwa kocwaningo. Siphethe izincomo nokusonga jikelele kocwaningo. Lesi sahluko sibophe saqinisa onke amafindo abesele elenga ocwaningweni sawabopha athula athi du.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/1109
dc.language.isozuen_US
dc.publisherUniversity of Zululanden_US
dc.subjectNazareth Baptist churchen_US
dc.subjectchuen_US
dc.titleUcwaningo olunzulu ngemigubho yamanazaretha kugxilwe emkhosini weNhlalisuthi noJamengwenien_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
UCWANINGO OLUNZULU NGEMIGUBHO YAMANAZARETHA.pdf
Size:
2.74 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.71 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: