Ucwaningo ngegalelo likaWanda, M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: “Kunjalo-ke” kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithi

dc.contributor.advisorKhumalo, L.Z.M.
dc.contributor.advisorNzuza, N.M.A.R.
dc.contributor.authorMhlongo, Gugu Zodwa
dc.date.accessioned2019-10-04T07:30:22Z
dc.date.available2019-10-04T07:30:22Z
dc.date.issued2018
dc.descriptionLwethulwa ukufeza izidingo zeziqu ze Master of Arts emnyangweni wezilimi zomdabu namasiko kwangqondonkulu waKwaZulu, 2018en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo luhlelwe lwaba yizahluko eziyisikhombisa ezimayelana namagalelo kaWanda M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: Kunjalo-ke kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithi. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo, intshisekelo noma inkuthazo yocwaningo. Lesi sahluko sethula nezindlela ezisetshenzisiwe ngesikhathi kuqhutshwa lolu cwaningo kanye nemidiyo yocwaningo jikelele, abazohlomula kulolu cwaningo kanye nemibono yongoti. Kube sekwethulwa uhlaka lwezahluko zocwaningo kanye nesiphetho sesahluko sokuqala. Isahluko sesibili sethula izinsizakuhlaziya ezahlukene ezisetshenziswa uma kuhlaziywa inoveli. Kugxilwe kulezi ezibonakala zihambisana nenoveli ecwaningwayo. Kugxilwe kulezi: Ukulandisa, injulasakhiwo kanye nenjulasimo. Kubuye kwabhekwa ngeso elibanzi injulalwazi yepostmodern nobudlelwane bayo ekuhlaziyweni inoveli. Lesi sahluko sibe sesiveza amanqampunqampu omlando kaMjajisi Wanda ongumbhali wenoveli ecwaningwayo kanye nesiphetho sesahluko. Isahluko sesithathu sethula indaba kaWanda ngamafuphi kanye nesakhiwo sayo. Kuqalwe ngendaba ngamafuphi, kwalandela isakhiwo sale noveli lapho kugxilwe kulezi zihloko ezilandelayo: isihloko senoveli, isingeniso senoveli, umzimba wenoveli kanye nesiphetho senoveli. Kubaluliwe ukuthi umlingiswa omkhulu enovelini kaWanda uDumazile ngoba nguye obhekene nenkinga yokungabi nasimilo. Indaba ingaye kusukela indaba iqala ize iyophela. Isahluko sesine sethula abalingiswa abatholakala emsebenzini kaWanda. Kudingidwa izinhlobo zabalingiswa, indlela abavezwe ngayo kanye neqhaza labo endabeni ekukhuliseni udweshu phakathi kwabalingiswa. Kubalulekile ukuba abalingiswa benoveli bakholeke ngoba inoveli kumele kube yindaba engenzeka ngempela hhayi inganekwane nje. Isizinda ikakhulukazi indawo, inkathi nesimo senhlalo yabo sibe nomthelela omkhulu ebunjalweni babo. Udweshu olukhona phakathi kwabalingiswa lukhuphula ilukuluku lokuyifunda le ndaba. v Isahluko sesihlanu sihlaziya indikimba nomlayezo odingidwa yinoveli ecwaningwayo. Kuvelile ukuthi ukungabi nomngani oyedwa oshiyelana naye ugwayi kubhebhethekisa igciwane lengculazi. Ukuthandana kwabantu besilisa abadala namantombazane amancane ngoba begabe ngemali kube yimbangela yokugula nokufa kwabalingiswa ababalulekile. Ukulimala kwemindeni ngenxa yokungaziphathi kwabashadikazi, ukusala kwezintandane, ukungasebenzisi amajazi omkhwenyana, ukubalekela ukuhlolela igciwane lengculazi kubhekiwe kulesi sahluko. Kube sekuphethwa lesi sahluko. Isahluko sesithupha sethula eminye imihlabahlose ekubhalweni kwenoveli kaWanda. Kulesi sahluko kubhekwa isizinda, udweshu, ulwazi lwangaphambili, isu lokubikezela, isu lokujeqeza kanye nobudlelwano phakathi komoya nephimbo elitholakala enovelini kaWanda. Le mihlabahlose esetshenzisiwe njengesizinda iveza ukuthi okaWanda uyihlabe esikhonkosini ngokudingida ngempilo ehlupha imiphakathi eminingi kulesi sikhathi. Ukubhidlika kwesimilo kubantu yikhona okubulele imiphakathi eminingi. Indlela abantu abangazicabangeli ngayo sebenza amahlazo asobala. Kube sekuphethwa lesi sahluko. Isahluko sesikhombisa simayelana nokuhlaziya, izincomo, izimfundiso eziqukethwe yinoveli kanye nokungenziwa ngokuzayo. Izimfundiso ezivela kule noveli zibaluliwe njengokukhuliswa komntwana ekhaya, ukuthandana kothisha nabafundi, ukuthandana kobaba abadala namantombazane amancane, ukuzalela ekhaya kwamantombazane, umkhuba wokuyobhula kanye nobusoka kumele kubhekwe ngeso elibanzi njengoba kuvela njengomthelela nokutheleleka nokufa kwabantu yisifo sengculazi. Kube isiphetho socwaningo jikelele.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/1853
dc.language.isootheren_US
dc.publisherUniversity of Zululanden_US
dc.subjectWanda, M.E.en_US
dc.subjectKunjalo-keen_US
dc.subjectnovel writingen_US
dc.titleUcwaningo ngegalelo likaWanda, M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: “Kunjalo-ke” kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithien_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Ucwaningo ngegalelo likaWanda, M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi “Kunjalo-ke” kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithi.pdf
Size:
1.3 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Ucwaningo ngegalelo likaWanda, M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: “Kunjalo-ke” kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithi / Investigation on contribution in novel writing by Wanda M.E. with the title: Kunjalo-ke with special attention to plot characters and theme
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.71 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: