Ucwaningo olunzulu lokuqhathanisa umculo kaMasikandi neSicathamiya njengobalulekile esikweni lesizwe samaZulu, kugxilwe kakhulu kuPhuzekhemisi kanye naMambazo Amnyama

dc.contributor.advisorKhumalo, Z.L.M.
dc.contributor.authorBiyela, Thembinkosi Israel
dc.date.accessioned2010-05-25T11:43:53Z
dc.date.available2010-05-25T11:43:53Z
dc.date.issued2001
dc.descriptionA thesis submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Doctor of Philosophy in the Department of African Languages at the University of Zululand, 2001.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo kuhloswe ngalo ukweneka obala ukubaluleka komculo kaMasikandi kanye noweSicathamiya esikweni lesizwe samaZulu. Isahluko sokuqala-ke sichaza ngayo le njongo. Lapha kubuye kwenekwe nendlela ezosetshenziswa, okuwukuhlolwa kwamaBhuku athile aqukethe ulwazi olufanele. Kubuye kufakanwe imilomo nezinzululwazi ngomculo woMdabu. Kubanjwe izingxoxo nabaculi oPhuzekhemisi benoJoseph Shabalala, okuyibona abawumgogodla walo ucwaningo. Konke okwenziwayo kuhlahla indlela yocwaningo lonke. Isahluko sesibili sibheka umlando nobunjalo bukaMasikandi. Lapha kubhekwa umlando kaPhuzekhemisi, amaqembu ayizingqalabutho namaqembu abesifazane. Kubuye kubhekwe nemvunulo koMasikandi, izimfijoli zomculo kaMasikandi kanye nezinhiobo zezindikimba ezidingidwa koMasikandi. Isahluko sesithathu sibhekana nomlando weSicathamiya. Kubhekwa namaqembu azingqalabutho eSicathamiyeni. Kobuye kuhlelwe nomlando kaJoseph Shabaiala kanye naMambazo aMnyama. Isahluko sesine sicubungula isakhiwo sobunkondlo eculweni likaMasikandi neteSicathamiya. isahluko sesihianu sicubungula izinhlobo zamaculo kaMasikandi neSicathamiya. Lapha kubhekwa amacuio esililo, alandayo, amalirikhi njaio njalo. Isahluko sesithupha siqukethe ukuqhathaniswa kwamaculo, elikaMasikandi kanye neleSicathamiya. Lapha kuthathwa iculo elilodwa ezinhlangothini zombili, lihluzwe ngokupheleie njengoba kwenzeka enkondtweni. Kubhekwa inhloso, umqondo, imizwa nokunye okuphathelene nokuhiuza. Isahluko sesikhombisa sidingida ukufana kwengqikithi eculweni likaMasikandi neleSicathamiya. Lapha kuhlolwa izingqikithi ezifana nothando, inkolo, ukubulalana kwezombangazwe, uxolo, ukubuyisana, inhlonipho emakhosini kanye nenhlalo yesiNtu. isahluko sesishiyagalombili nokungesokugcina, siyisihlaziyo nesiphetho. Kulesi sahluko kwethulwa izincomo bese kusongwa lonke ucwaningo.en_US
dc.identifier.other263970
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/291
dc.language.isozuen_US
dc.subjectMusic--Africaen_US
dc.subjectMusical analysisen_US
dc.subjectTraditional music - Zuluen_US
dc.titleUcwaningo olunzulu lokuqhathanisa umculo kaMasikandi neSicathamiya njengobalulekile esikweni lesizwe samaZulu, kugxilwe kakhulu kuPhuzekhemisi kanye naMambazo Amnyamaen_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Ucwaningo olunzulu lokuqhathanisa. T.I. Biyela.pdf
Size:
5.23 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.8 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: