Ukusetshenziswa kwenzululwazi yokwethiwa kwamagama njengesu lokwakha abalingiswa- kubuyekezwa imibhalo eqokiwe ebhalwe emva kokuzuzwa kwentando yabantu.

dc.contributor.advisorZondi, S.N.
dc.contributor.authorMhlongo, Bonakele Yvonne
dc.date.accessioned2017-06-22T10:55:03Z
dc.date.available2017-06-22T10:55:03Z
dc.date.issued2017
dc.descriptionA dissertation submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Doctor of Philosophy in the Department of African Languages at the University Of Zululand, 2017.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo lumayelana nokwethiwa kwabalingiswa emibhalweni ekhethekile ebhalwe emva kokuzuzwa kombuso wentando yabantu. Ukwethiwa kwegama lomuntu kusemqoka kakhulu osikweni lakwaZulu, njengakwamanye amasiko ase-Afrika. Imvamisa lawa magama ahamba nezincazelo kanti futhi ahambisana nezehlo ezithile. Amagama angaveza ulwazi olukhulu ngamasiko nezinkolelo ezahlukene ngokomphakathi nangokwezizwe. Isiko lokwethiwa kwamagama luyaziveza ngendlela ababhali abangama-Afrika abetha ngayo abalingiswa emisebenzini yobuciko eyahlukene. Umbhali usuke enenhloso nezizathu ezithile ngalelo gama. Umbuzo onqala wocwaningo ubheka ukuthi ngabe ababhali babusebenzise kanjani ubuciko bokwethiwa kwamagama emibhalweni (Literary onomastics), ukwakha abalingiswa, emibhalweni eqokiwe yesiZulu ebhalwe ngemuva kokuzuzwa kombuso wentando yabantu. Injongo yalo mbuzo, ukuhlaziya indlela ulimi olusetshenziswe ngayo ukwakha abalingiswa njengalokhu kunobudlelwano obunzulu phakathi kolimi nesimomqondo kanye nencazelo eqondiwe. Kulolu cwaningo kuqokwe uhlobo lobucikomazwi obubhaliwe okungamanoveli ayisihlanu kanye nohlobo lomdlalo owodwa. Ucwaningo lusebenzise insizakuhlaziya yokuHlaziya nokuCofiya iNgxoxombhalo, okuyinto ezinye izingcwaningo ezingayisebenzisanga. Ezinye zezinto ezitholwe ucwaningo zimbandakanya: ukusetshenziswa ngababhali iqhingasu lokwethiwa kwabalingiswa ukugqamisa izindikimba ezifana nemiphumela yokwanda kwezidakamizwa, ukudayisa ngomzimba nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane emiphakathini. Okunye okutholwe ucwaningo kufakazela osekuvezwe ngongoti abaningi abaphenya ngale ndikimba okuthinta ukuqonela kwabesilisa (patriachy). Kugqamile nokho ocwaningweni ukuthi abanye ababhali bayakugwema ukwetha amagama achemile ngokobulili kunalokho bakhetha amagama akhuthazayo, nadlulisa ukwexwayisa. Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi amagama ethiwe akhombisa izinguquko ezenzekile ezweni, ezithinta izigigaba zomlando njengokubuya kwababesekudingisweni, ukuzuzwa kwenkululeko nemithelela yokuthutheleka kwabokufika eNingizimu Afrika. Lolu cwaningo luncoma ukusetshenziswa kwenzululwazi ye-onomastiki njengesu lokufundisa ukuhlaziywa kwemibhalo kulesi sikhathi lapho izikole zibhekene nengwadla yabafundi abangalwazi ulimi nencazelo yamagama esiZulu, kanye nezigigaba ezingumlando wesizwe.en_US
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/1527
dc.publisherUniversity of Zululanden_US
dc.subjectliterary onomastics -- --Zulu literacyen_US
dc.titleUkusetshenziswa kwenzululwazi yokwethiwa kwamagama njengesu lokwakha abalingiswa- kubuyekezwa imibhalo eqokiwe ebhalwe emva kokuzuzwa kwentando yabantu.en_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Ukusetshenziswa kwenzululwazi yokwethiwa kwamagama njengesu lokwakha abalingiswa- kubuyekezwa imibhalo eqokiwe ebhalwe emva kokuzuzwa kwentando yabantu.pdf
Size:
1.27 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.71 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: