Faculty of Humanities and Social Sciences
Permanent URI for this community
Browse
Browsing Faculty of Humanities and Social Sciences by Subject "A. Shange"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
- ItemUkuziphatha kwabafelokazi kugxilwe emanovelini ka- A. Shange: Ifa lenkululeko neka N. Zulu: Umshado / The behaviour of widows based on A. Shange’s novel: Ifa lenkululeko and N. Zulu’s novel: Umshado(University of Zululand, 2020) Mlotshwa, Fairhope NtokozoAbesifazane emhlabeni wonke jikelele banezindlela ezahlukene zokuziphatha. Ezinye zezindlela abaziphethe ngazo azamukelekile, zithunaza isithunzi sabo. Lolu cwaningo lubheka indlela abaziphethe ngayo emibhalweni ecwaningwayo okungumbhalo ka-N.Zulu no-A.Shange. Isahluko sokuqala: Lesi sahluko sihlahla indlela nenqubo ezolandelwa ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo. Siveza amaphuzu abalulekile asetshenziswe ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo. Kubhekwe izinhloso zocwaningo, intshisekelo yocwaningo, izingqinamba zocwaningo, umklamo wocwaningo, izindlela zokuqhuba ucwaningo kanye nemibono yongoti. Isahluko sesibili: Kulesi sahluko ilapho ucwaningo luzoveza khona ukubuyekezwa kwemibhalo eseyenziwa mayelana nesihloko nokuziphatha kwabafelokazi. Isahluko sesithathu: Lesi sahluko siqukethe izinjululwazi nezinsizakuhlaziya nezindlela zokuqoqa ulwazi ezisetshenzisiwe. Isahluko sesine: Lesi sahluko sibheka ukuziphatha kwabesifazane kuyona yomibili imibhalo ecutshungulwayo okungumbhalo ka-N. Zulu no-A.Shange. Isahluko sesihlanu: Kulesi sahluko kwethulwa lonke ulwazi ngokufanayo nokwehlukile emisebenzini yababhali okucutshungulwa ngayo. Kuphindwe kwahlahlwa kabanzi ngesiko lokuzila nesiko lokungenwa. Isahluko sesithupha: Lesi sahluko imiphumela yocwaningo, izincomo nesiphetho.