Browsing by Author "Mthembu, Sthembiso"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
- ItemUmthelela wezinkundla zokuxhumana ekubhalweni nasekuqanjweni kwamagama olimini lweSizulu(University of Zululand, 2019) Mthembu, SthembisoLolu cwaningo luhlose ukucwaninga kabanzi ngomthelela wezinkundla zokuxhumana ekubhalweni nasekuqanjweni kwamagama olimini lwesiZulu. Ucwaningo luhlaziye indlela okubhalwa ngayo, kubhekwa imithetho yokubhalwa kolimi, ukubhalwa kwemisho enemvumelwano edala ukuxhumana, nokubhalwa kwezaga nezisho. Ucwaningo lubheke izinkundla zokuxhumana ezisetshenziswa umthamo wabantu abaningi u-Facebook kanye no-WhatsApp. Lolu cwaningo lusebenzise injulalwazi ehlaziya ukudungeka kolimi okudalwa izinkundla zokuxhumana, ukuhlaziya ukushintsha kolimi, kanye nenjulalwazi ehlaziya ulimi nomphakathi. Ucwaningo lusebenzise ipharadayimu yomhumusho ukuhlaziya nokuchaza ulimi nomthelela wezinkundla zokuxhumana ekubhalweni kolimi. Ucwaningo luphinde lwasebenzisa indlela yocwaningosimo ukuqoqa ulwazi. Ulwazi luqoqwe emibhalweni ehlukene okubalwa kuyo u-Facebook, u-WhatsApp, kanye nemibhalo yabafundi ezikoleni. Kusetshenziswe imibuzo engamiselwe zimiso kubafundisi bolimi ukuphendula imibuzo mayelana nokubhalwa kolimi ezikoleni. Okutholakele ocwaningweni kuveza ukuthi indlela okubhalwa ngayo ulimi ayilungile ngoba ayilandelwa imithetho yokubhalwa kwalo futhi kuphinde kubhalwe ngendlela elahla incazelo yamagama. Ucwaningo luthole ukuthi kunezindlela eziningi zokubhalwa kolimi ezigcina zikhinyabeza ulimi. Indlela yokubhala esakutayela, igcina isilahla imithetho yokubhalwa kolimi ngisho nasemibhalweni ebalulekile. Ucwaningo luthole ukuthi lo mkhuba wokubhala osezinkundleni zokuxhumana unomthelela nasemibhalweni yabafundi ezikoleni. Lolu cwaningo luphethe ngokuthi indlela okubhalwa ngayo ulimi ezinkundleni zokuxhumana ikhubaza ulimi kanye namakhono okuthuthukisa ulimi entsheni esakhula. Ulimi ngendlela oselubhalwa ngayo luya ngokufadalala kancane kancane, luyaguguleka lubheke ezansi ngenxa yendlela olubhalwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana.