Repository logo
  • English
  • Català
  • Čeština
  • Deutsch
  • Español
  • Français
  • Gàidhlig
  • Latviešu
  • Magyar
  • Nederlands
  • Polski
  • Português
  • Português do Brasil
  • Suomi
  • Svenska
  • Türkçe
  • Қазақ
  • বাংলা
  • हिंदी
  • Ελληνικά
  • Yкраї́нська
  • Log In
    New user? Click here to register.Have you forgotten your password?
Repository logo
  • Communities & Collections
  • All of DSpace
  • English
  • Català
  • Čeština
  • Deutsch
  • Español
  • Français
  • Gàidhlig
  • Latviešu
  • Magyar
  • Nederlands
  • Polski
  • Português
  • Português do Brasil
  • Suomi
  • Svenska
  • Türkçe
  • Қазақ
  • বাংলা
  • हिंदी
  • Ελληνικά
  • Yкраї́нська
  • Log In
    New user? Click here to register.Have you forgotten your password?
  1. Home
  2. Browse by Author

Browsing by Author "Makhoba, Khenani Lloyd"

Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
  • Loading...
    Thumbnail Image
    Item
    Ucwaningo olunzulu ngokuzilela ukufa, ukugonqa nokugoya esiZulwini / deep research on abstinence during death seclusion and reclusion in IsiZulu
    (University of Zululand, 2017) Makhoba, Khenani Lloyd; Ntuli, S.L.
    Lolu cwaningo lunezahluko eziyisithupha: Isahluko sokuqala siyisethulo socwaningo. Sehlukaniswe izigatshana eziyisishiyagalombili. Isingeniso sethula amasiko esiZulu nendlela axoveke ngayo. Kunempikiswano nokungaboni ngaso linye esizweni ngamasiko. Phakathi kwalawo masiko okuphikiswana ngawo kuyabalwa nokuzila. Izimbangela zokulahleka kwamasiko ziningi. Enye yazo ukuncikana kwamaZulu nezinye izizwe. Enye yazo ukubuswa ngezinye izizwe ezinezinhloso ezishayisana nezesizwe samaZulu. Intshisekelo yocwaningo yadalwa ukuba umcwaningi athole ukuthi amasiko aphathelene nokuzila agcinwa ngezindlela ezahlukene. Kwenye inkathi lezi zindlela ziyashayisana. Inhloso enkulu ngalolu cwaningo ukuhlola ukuthi ukuzila kuyisiko noma umkhuba nje. Enye inhloso ukwethulela umphakathi imvulamehlo ngamasiko, ikakhulukazi awokuzila. Umklamo wocwaningo umayelana namasiko lapho kuzilwa khona. Kuphawuliwe ngokuzilela ukufa ngaphambi nangemuva komngcwabo. Ibaluliwe imigonqo ngokwahlukana kwayo. Ucwaningo lwenziwe ikakhulukazi eMbumbulu. Lokho akumvimbanga nokho umcwaningi ukuba aye nakwezinye izindawo. Ukuzila yisiko lesizwe sonke ngakhoke umklamo ngokwendawo yokuqhuba ucwaningo uvulekile. Isahluko sesibili sehlukaniseke iminxa emibili emikhulu. Kuchazwe amagama asetshenziswe ocwaningweni. Kufakwane umlomo nawongoti abehlukene. Kukhulunywe nawongoti abanolwazi lwasesikoleni ngobugugu namasiko. Abanye babo bafundisa kwaNgqondonkulu. Iningi labo lifundisa isiZulu nobugugu. Kuthintwe ongoti abathintana ngqo nokuzila. Izinyanga nezangoma zinolwazi oluthe thuthu ngemigonqo nokunye okwenziwa ngamathwasa. Kuthintwe ngisho abaholi bamabandla. Isizathu esimqoka salaba baholi ukuthi amakholwa angamaKhristu ayabaleka ekuphikeni amasiko. vi Isahluko sesithathu sicacisa ngezindlela zokuqhuba ucwaningo. Kumele kucace ukuthi umcwaningi uluthola kanjani ulwazi. Usebenzise izincwadi azithola emitapweni yezincwadi. Ufunde amaphephandaba. Ulalele imisakazo. Ubuke umabonakude. Ufunde imiqulu yabanye abacwaningi asebecwaningile ngamasiko esiZulu. Kubhekwe nezinsizakuhlaziya ezintathu ezihambisana nokuzila esiZulwini. Isahluko sesine singokuzilela isifo. Kukhulunywe ngokukhala lapho kufiwe. Ukuhambelana lapho kufiwe kwenzeka kusaphalalwe umkhosi ngesifo, kwenzeke nasemuva komngcwabo. Ukuzila kwehlukene ngemikhakha. Kuyenzeka kuqalwe kusagulwa. Kuyashiyana ukuzila kwamalungu omndeni. Abafelokazi bazila isikhathi eside kunawo wonke amalungu omndeni. Amadoda avamise ukuzila ngenhliziyo. Esinye sezizathu zokuzila kwawo ngenhliziyo ukuba nesithembu. Umnumzane onesithembu akakwazi ukuzilela lo oshonile bebe besaphila abanye. Isahluko sesihlanu sididiyele ukugonqa nokugoya. Kwehlukanisiwe ukugonqa nokugoya. Ukugoya kwenziwa umalokazane emveni kokuchanguza emzini. Ukugonqa imikhuleko lapho kuthonjiswa khona izingane, kwemuliswa, ngomncamo nangomkhehlo. Umgonqo othe ukwehluka ngowamathwasa. Ukugonqa okuningi kulapho kukhuliswa khona izingane. Zigonqa kakhulu nakaningana izingane ezingamantombazane kunezingabafana. Isizathu salokhu ukuthi umuntu wesifazane nguyena oqiniswayo. Uneqhaza elikhulu emasikweni esiZulu. Yibona abesifazane abalinda isidumbu ubusuku nemini. Banenimba nesineke sokukhulisa izingane. Banesineke sokweluleka izingane ngakho-ke kumele bawulungele lo msebenzi wokwakha isizwe. Yibona abesifazane abathwala izingane izinyanga eziyisishiyagalolunye.

DSpace software copyright © 2002-2026 LYRASIS

  • Cookie settings
  • Privacy policy
  • End User Agreement
  • Send Feedback