Browsing by Author "Khuzwayo, Bonginkosi Cyprian"
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
- ItemIngonyuluka Ngempicabadala Yempi YaseNtibane(2001) Khuzwayo, Bonginkosi Cyprian; Khumalo, Z.L.M.Lolu cwarnngo lucubungula impicabadala ngempi yaseNtibane. Kunernibuzo enusa ikhanda mayelana nokwehlulwa kwempi kaZulu ngesikhathi uZulu ebhekene ngeziqu zamehlo namaBhunu ngonyaka ka-1838. Lolu cwaningo luzama ukuthola ukuthi yini ngempela eyenzeka ngalolu suku lena eyabangela ukunqotshwa kukaZulu empini yaseNtibane? Kungabe amasu okulwa ajwayelekile akawasebenzisanga uNdlela? Kungabe kuyiqiniso ukuthi uZulu owasala kule mpi ubalelwa ezinkulungwaneni ezintathu? Kungabe kuyiqiniso uJ...'Uthi umfula waze waphenduka igazi? Vma kuyiqiniso, kungabe elikaZulu kuphela igazi elaphalala? Lena ngeminye yemibuzo okudingeka iphenduleke. Lolu cwaningo luzama ukuthola izimpendulo zale mibuzo kanye neminye ezohambe ivela Kubhekisiswa izindlela ezazisetshenziswa uZulu uma ebutha amabutho, ukwethiwa igama kwebutho, ukwabiwa kwezihlangu ngokwemibala enhlobonhlobo, imvunulo yamabutho, ukuma kwempi kaZulu jikelele, izindlela zokuhlasela kanye nempicabadala ngempi yaseNtibane. Kuyobhekisiswa imihlobiso eyiiigqizo zokunonophala kolimi kulo msebenzi. Lokhu Imyaphuthuma ukuba kwenziwe ngoba kosiza kakhulu isizwe kakhulukazi oSomlando, oSomafa kaZulu, izizukulwane ngezizulmlwane, izivakashi kanye nalabo abasekhaleni lokweluleka abavakashi ikakhulu kwelakwaMthaniya. Lolu cwaningo lunezahluko eziyisihlanu. Isahluko sokugala "isingeniso socwaningo". Amagama asetshenzisiwe kulo rnqulu azohlaziywa kahle ukuze ingqikithi yalokho akushoyo icace. Sibuka izinhloso nentshisekelo yomsebenzi jikelele. Kukhonjwa indlela yokuqhuba ucwaningo kanye nemidiyo yalo. Isahluko sesibili siqondene "nokurna kwempi kaZulu", ukubutha, izihlangu, imvunulo kanye namanoni olirni avela kulokhu.
- ItemUkukhuthazwa kolwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni izifo ezithathelwana ngocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo(2002) Khuzwayo, Bonginkosi Cyprian; Mathenjwa, L.F.Lolu cwaningo lucubungula ulwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni izifo ezithathelwana ngokocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo. Luzama ukuthola ukuthi qhaza lini elingabanjwa umphakathi ekulweni nalesi sifo esesibhubhise izwe kangaka. Lucubungula izindlela zesintu ezazisetshenziswa ngempumelelo, esikhathini sakudala, ukunqanda izifo ezithathelwana ngokocansi. Luzama ukuthola ukuthi lezo zindlela ngeke yml zakhuthazwa ukuba zisetshenziswe esikhathini sanamuhla njengesikhali okungaliwa ngaso nalesi sifo esesiqede isizwe Lucubungula iqhaza elingabanjwa amasiko afana nokusokwa kwabesilisa nabesifazane, ukugwetshwa kwabesilisa nabesifazane, ukuhlolwa kwezintombi nezinsizwa, ukuthomba, ukusoma, ukuyobisa, umemulo, irnikhosi efana nomkhosi kaNomkhubulwane, umkhosi womhlanga, kanye neqhaza elingabanjwa amabandla ehlukene ekulweni nokusabalala kwegciwane lesandulela ngculazi, ingculazi uqobo lwayo, ezinye izifo ezithathelwana ngokocansi, ukukhulelwa kwentsha isikhathi singakafiki kanye nokufundiswa kwentsha ngokuziphatha ngenhlanzeko.