Browsing by Author "Cele, Phillip Magaye"
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
- ItemSikhulekel’ ibomvu! Abalale bebabili, bavuke bebathathu(2010) Cele, Phillip Magaye; Khumalo, Z.L.M.Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko aphathelene nokugana, ukuganwa nokuganiswa. Kubhekisiswa amasiko agcinwayo kule micimbi ukuze kungaveli izinkinga ezinye zazo ezingaba ukungatholi abantwana. Umcwaningi ubhekisisa kakhulu imbangela yobunyumba noma yokungazali. Le nkinga ayiqali njengoba sekuganwene kodwa iba imbangela yokuphambanisa amasiko noma yokungawanaki amasiko. Amasiko awaqalwa ngoba umntwana esekhulile kodwa umntwana ukhuliswa ngawo ukuze angabi nankinga endleleni. Lolu cwaningo luzoba usizo kubantu asebekhohliwe ukuthi amasiko ayegcinwa kanjani. Lolu cwaningo lungumhlahlandlela. Isahluko sokuqala sikhombisa izinhloso nenkuthazo okukhuthaze umcwaningi ukuba acwaninge ngalesi sihloko, elandela umgudu noma inqubo yamasiko esintu. Lokhu kubonakale kungaba usizo ekunciphiseni ukulahleka kwemishado ngenxa yokungazali, okubangwa ukungawagcini amasiko oMdabu. Isahluko sesibili sikhuluma ngamasiko nemikhuba yamaZulu agcinelwa ukulungiselela ukwenda okunempumelelo. Kubukwa amasiko agcinwayo kusukela intombazana isencane. Kukhulunywa ngamasiko okugonqa nomkhehlo namasiko anjengokucimela nawo anakwa. Miningi nemikhutshana egcinwe kulesi sahluko njengokuqiniswa kwentombi eganayo. Lolu cwaningo lukhuluma ngenyama yokuncamisa. Kubukwa nemvunulo intombi evunula ngayo uma iyogcagca. Kubhekwa amasiko enziwa kungenwa emzini, amasiko enziwa esihlahleni nasesigcawini. Isahluko sesithathu sigxile emasikweni okuganiselana akhuthaza ukuthola abantwana. Kuchazwa nezinkinga ezibangwa ukungazali. Kunezinkinga ezinjengokungathombi, izigulo zocansi, imimoya yamandiki, umoya wendawe, amaphupho kanye nezizwe. Kulolu cwaningo kubukwe nemithi yemitombo. Imimoya esegazini lomuntu idla kuye egazini. Yingakho kufanele alungise igazi lowo muntu onemimoya ngoba imimoya yona iphila kuye, idla egazini likamguli. Isahluko sesine sona sicwaninga ngamasiko nemikhuba ehambisana nokubeletha. Kulesi sahluko kucwaningwa ngokubamba nokungabambi isisu kukamakoti. Kutholakala ukuthi okunye ukungabambi kuke kwenziwe ukufuya izinyoka notikoloshe. Lokho okungumkhuba ovamile kakhulu ukwenziwa abesifazane. Kubukwe nemikhuba eyenziwa okhulelwe ukuze kuhleleke kahle isisu. Kucwaningwe nangezinhlobo zezihlambezo. Kucwaningwe nangokuziphatha kwansuku zonke kukamakoti okhulelwe. Kucwaningwe nangezinto angazenza nezinto angeze azenza okhulelweyo njengokuvuka ekuseni kusempondo zankomo, akwenziwa funa ahlangane nemimoya emibi egcwele ezindlelni. Kuke kwenzeke isisu siphuphume ngezizathu ezithile. Ucwaningo luthole nokuthi kwenziwanjani ukwenza izaba zokumisa isisu esesiphuphuma. Lolu cwaningo luthole nokuthi zaba zini ezenziwayo uma ukubeletha kubanzima. Kulolu cwaningo kucwaningwe nangezinsila zokubeletha, amagazi nomzanyana. Kucwaningiwe futhi ngezinyamazane ashunqiselwa ngazo umntwana. Kucwaningwe nangendlela yokuziphatha komdlezana. Isahluko sesihlanu sibhekisise imimoya emibi ehlasela abantwana. Kucwaningwe ukuthi iyini imimoya? Ivelaphi? Inangozi yini kubantwana? Abantwana bangavikelwa kanjani kuleyo ngozi? Kunemithi yokuxosha imimoya. Izinyamazane, isiqunga, umashwilishwili, indalucwatha kanye nempila. Kuye kwacwaningwa namasiko agcinwayo uma umdlezana kade emshiyile umntanakhe. Kuye kwacwaningwa ngemikhuhlane yabantwana nangendlela yokuyikhuza. Isahluko sesithupha siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo lo msebenzi wonke. Kuvezwa nezincomo ezingalandelwa ukuvula amehlo omphakathi ukuze usizakale ezinkingeni zawo. Izincomo zikhuthaza kakhulu umuzi oNsundu ukuba unamathele emagugwini awo okuyindlela yokulandela amasiko nenkolo yoMdabu ukuze kuthi noma beqhuba ngendlela yesilungu kodwa bangakulahli okwakubo okuyindlela yawokhokho babo. Kube sekuphethwa wonke umsebenzi.
- ItemZibanjwa zimaphuphu kwelikaMthaniya kaNdaba(University of Zululand, 2012) Cele, Phillip Magaye; Khumalo, Z.L.M.; Mbuli, T.J.Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko okusingatha abantwana besuka ebeleni baze babe badala. Kunezigaba eziningana umntwana edlula kuzo kulolu khalo lokukhula oluphikelele ebudaleni. Namuhla kunezinkinga ezitholakalayo lapho abazali bekhulisa abantwana babo. Izinkinga ezibangwa ukunyonkela isikomqondo laseNtshonalanga. AbaseNtshonalanga abakhombisi nhlanganyelo uma bekhulisa abantwana babo. AmaZulu wona athi umntwana owesizwe, okaBayede Ongangezwe lakhe, iNgonyama. Abantwana bamaZulu bakhuliswa ngenhlanganyelo kusukela konina, kubazanyana kuze kuyofika emaqhikizeni uma kanti umntwana uyintombazane. Abafana bona bakhulela esizikithini sabanewabo okuyibona beqondisa indlela yabo ezinkomeni. Umcwaningi uthi uZulu ake awaphonse emuva abone ukuthi babekhuliswa, besingathwa kanjani abantwana kwelasendulo. Isahluko sokuqala sigxile ezinhlosweni kanye nenkuthazo efikele umcwaningi ngenkathi ebona umonakalo nencithakalo isizwe esesiphila kuyo. Ucwaninge ngalesi sihloko egcizelela amasiko ayegcinelwa abantwana ngezikhathi ezithile zokukhula. Kulesi sahluko kubukwe nendlela okuzoqhutshwa ngayo ucwaningo. Kuyokwenziwa njani ukuze lolu cwaningo lube yimpumelelo. Lapha kubuye kwabhekwa izikhali eziyosetshenziswa ukuyifezekisa inhloso yocwaningo. Kuzothi kanti kubuzwa kubantu bangakhohlakali ongoti, omakadebona. Banolwazi oseluhloliwe lwathenjwa yisizwe. Isahluko sesibili kubhekwa umuzi wesiZulu njengekhaya akhulela kulo umntwana. Ikhaya ngokwalo lingumqeqeshi isibili. Abantwana bafunda ekhaya ukuhlonipha abanye kanye nabadala. Uhlonze lwekhaya lubonakala kumntwana okhuliswe yilo. Asifiki isikhathi lapho abantu bethi: “Lokhu kwakhulela esimpontshini njengephela.” Kulesi sahluko kubhekwa izindlu nokubaluleka kwazo. Kubhekwa uthango, isibaya nemithetho yokusingatha lezi zakhiwo. Kusekhaya lapho abantwana befundiswa ngezimakade ezinjengoMvelinqangi noNomkhubulwana. Kulesi sahluko abantwana bafundiswa ngenhlonipho yempahla, izinkomo nezimbuzi. Bafundiswa ngobungcwele bobisi nokuphathwa kwalo. Imfundiso ihamba ize iyofika ebulongweni imbala. Nabo buphathwa ngenhlonipho njengobisi. Kulesi sahluko kubukwa ukuphathwa kwamanzi phakathi komuzi wesiZulu. Abantwana bafundiswa ukungahambi ebusuku funa badibane nemimoya efuqayo. Abantwana bafundiswa inhlonipho yokungabizi amagama abantu abadala. Bafunda nokuthakazela okusigcwalisa nswi isiZulu. Isahluko sesithathu sigxile endlini kagogo njengesizinda okhalweni lokukhaliphisa abantwana. Kukule ndlu lapho abantwana beqoqana khona ngezintambama bezofunda ubuchwepheshe kuninakhulu. Yiyo le ndlu eyisizinda sezinganekwane, iziphicaphicwano, imidlalo yokufunda ukubala izinyoni. Kukuyo le ndlu lapha abantwana befundiswa khona imilolozelo yokuthulisa abantwana. Abantwana bafundiswa ngabathakathi nemikhovu. Isahluko sesine sibheka imidlalo yabantwana njengesu lokubakhulisa. Kunezinhlobo eziningi zemidlalo ekhulisa imiqondo yabantwana. Kulesi sahluko kubalwa okhelekhele, ukubala izinyoni njengomdlalo. Ukudla iphaphu kungumdlalo omkhulu wabafana ekwaluseni. Abantwana bafundisana ukuzingela amabuzi neminye imidlalo. Isahluko sesihlanu silandela abafana ekwaluseni nalapho behlangana nezinyoni. Abafana bafunda ngezinyoni ezingadliwa nezidliwayo. Kufundwa ngomthelela wezinyoni esintwini. Ezinye zingabahlonzi bezikhathi, zibikezela ihlobo. Zivusa omame ukuba batshathe amakhuba bayolima. Kubukwa nendlela ezizalela ngayo. Lezo zinyoni ziwondla ngani amaphuphu azo. Ezinye izinyoni ziphila ngokusizana ekufukameleni amaqanda nasekondleni amaphuphu. Kukhona ezinye izinyoni ezidla ezinye. Ezinye zilusizo, zilayela abafana izinyosi. Kunezisho nezaga zesiZulu ezisuselwa ezinyonini. Isahluko sesithupha siyingqikithi yalolu cwaningo. Kubukwa abantwana bengena ezigabeni ezehlukene, bengena ngemigidi nangamasiko. Kulesi sahluko kubalwa ukuklekla namasiko okukusingatha. Kulesi sahluko kukhulunywa ngesiko lokusukula. Lisingathwa kanjani leli siko. Abantwana balandelwa base bakhule, amantombazane vi aphuke. Uma intombazane yephukile, isingathwa kanjani imicimbi yalokho kwephuka. Uma umfana eshaywe izibuko, kwenziwa njani ukusingatha leyo micimbi. Isahluko sesikhombisa kubukwa abantwana baze bakhule. Uma sebekulesi sigaba babe sebexibulana beshelana belungisela ukuganana. Kukhulunywa ngamacece ahlanganisa abasha. Abantwana bakhula phansi kweso elibukhali lamaqhikiza uma bengamantombazane. Bakhula phansi kweso elibukhali labanewabo uma bengabafana. Abantwana bafundiswa indlela yokuziphatha uma benosofasilahlane babo. Isahluko sesishiyagalombili siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo. Kuvezwa nezincomo ezingalandelwa ukuvula amehlo omphakathi ukuze usizakale ezinkingeni zawo. Izincomo zikhuthaza kakhulu umuzi oNsundu ukuba unamathele emagugwini awo okuyindlela amasiko nenkolo yoMdabu ukuze kuthi noma beqhuba ngendlela yesilungu kodwa bangakulahli okwakubo okuyindlela yawokhokho babo. Kulesi sahluko kubesekuboshwa onke amafindo abengakaboshwa. Aboshwa aqiniswe kube isiphethiwe-ke imbenge.