Ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

dc.contributor.advisorKhumalo, L.Z.M.
dc.contributor.authorZulu, Vusumuzi Alfred
dc.date.accessioned2010-03-02T08:33:38Z
dc.date.available2010-03-02T08:33:38Z
dc.date.issued2001
dc.descriptionSubmitted in partial fullfilment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2001.en_US
dc.description.abstractUMvelinqangi udabule ohlangeni izinhlanga zabantu ezahlukahlukene. Inhloso yikuba zihlobise urnhlaba wakhe. Izinhlanga lezi zinikwe ilungelo lokuphila ngemvelo futhi zibuse phezu kwayo. Lezi zinhlanga zikleziswe ngamasiko anhlobonhlobo okumele ziphile ngawo. UZulu omnyama ondlela zimhlophe ungolunye lwalezi nhlanga. Ukuzingela izinyamazane kusemithanjeni yegazi lesizwe sikaPhunga noMageba. Lokhu kudalwa yikwambulelwa kwaso ubuqiniso bokuthi kumele siphile ngemvelo ngoba naso siyimvelo. Ukubaluleka kokuzingela esizweni samaZulu kucaca bha kuhle kombala womvemve lapho kugcinwa amasiko athize. Kuphuma inqina iyojikijela lapho kuhlanjululwa inhloko yesizwe noma umnumzane. Emkhosini wakoMkhulu lapho inkosi izonyathela uselwa, ibutho liphuma inqina. Inqina ingumdlalo ngoba amaphisi akhiphelana ubuchwepheshe bokuba zinkombi ekuhlabeni izinyamazane. Ucwaningo luhlose ukucacisa ubumqoka besiko lokuzingela kubantu abansundu. Luhlose ukucacisa kabanzi ngezinhlobo zenqina ezikhona kanye nezinhloso zazo. Luhlose ukukhanyisa kabanzi ngobumqoka bemvelo empilweni yeSintu. Luhlose ukucacisa bha indlela abazingeli abaziphatha ngayo lapho bephume inqina. Lubabele ukuphonsa itshe esivivaneni sokugcinwa kwamasiko oMdabu ahlaselwa yimbovane ephokophele ukuwabhuqa nya Ukufaka ugqozi emphakathini ukuba uzigcine kahle izinto ezingamagugu esizwe. Ukukhanyisa kabanzi ngeqhaza elibanjwe yinqina namaphisi ekuthuthukisweni kolirni lwesiZulu. Ucwaningo luzogxila emalungiselelweni enqina. Luzophinde lubheke ukumenywa kwenqina kanye nezikhali ezisetshenziswayo lapho kuzingelwa. Luzobheka kabanzi izinhlobo zenqina ezilandeiayo: Inqinambumbulu; inqina yakomkhulu; inqina yesigodi; inqina yomkhosi wokunyathela uselwa; inqina kakhukhulelangoqo nenqina yehlambo. Isikhathi sokuphuma inqina sizobhekwa kabanzi. Luzophinde luthinte izigubho zenqina. Luzogxila kanzulu kwinqubo elandelwayo enqineni Luzogxila kabanzi ezimweni zokukhuluma eziqambeke ngenxa yempilo yobuphisi eyayiphilwa ngokhokho.en_US
dc.identifier.other267144
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10530/264
dc.language.isozuen_US
dc.subjectZulu Languageen_US
dc.titleUcwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizuluen_US
dc.typeThesisen_US
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Ucwaningo Olunzulu Ngenqina Nokucebisa Kwayo - VA Zulu.pdf
Size:
2.42 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.8 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: