Ikhono likaMagolwana Jiyane ekusebenziseni izifenqo nezakhiwo ezibongweni zenkosi uDingane

Abstract
Lolu cwaningo lucubungula ikhono lembongi uMagolwana Jiyane uma ebonga iNkosi uDingane kaSenzangakhona kaJama. Lolu cwaningo iuzogxila kuzithombemagama, izifengqo kanye nasesakhiweni. Isahluko sokuqala sizokwethula ucwaningo kucaciswe nenjongo yalo. Kuzocubungulwa imicabango yongoti. Kuzohlaziywa incazefo yamagama asebenzile afana no-Ephiki no-Ode. Kuzokwenekwa indlela yokuqhuba ucwaningo bese kwenziwa umklamo wocwaningo. Kuzokwenekwa umiando omfishane wembongi uJiyane. UJiyane wawabongela namanye amadodana kaSenzangakhona amakhosi angoShaka noMpande. Xsahluko sesibili sizokwethula kafushane iNkosi uShaka njengombumbi wesizwe samaZulu. Uma imbongi ibonga inkosi isuke ikhuluma. ENkosini uShaka sizobheka ubuhlakani nolwazi nesakhiwo-ke sayo. Sizobuye sichaze ngobuciko bomlomo. Sidingide kafushane izibongo kwaZulu, sibheke isizwe, izibongo nembongi. Sizobuye siveze ukuthi kukhona osekuke kwenziwa ekucwaningeni izibongo, sibheka umklamo wezikhathi: i) Ngaphambi kweNkosi uShaka (1750-1800) ii) Ngesikhathi seNkosi uShaka (1800-1850) iii) Ngemuva kweNkosi uShaka (1850-1900) Siyophetha lesi sahluko ngokuveza kafushane ngempilo yeNkosi uDingane. Isahluko sesithathu sizobhekana nolimi, ubuciko bomlomo nomnikelo wabo. Sibheke izibongo namahubo njengomkhuleko wesizwe. Sibheke ubudleiwano phakathi kwezibongo nezifengqo bese siphetha lesi sahluko ngoveza okuncane osekwenziwe ngezibongo zeNkosi uDingane. Isahluko sesine sizongena shi kwizithombemagama lapho sizobheka isifaniso ukuthi siyini. Sicubungule izinhlobo zesifaniso, sicubungule isingathekiso sibheke nezinhlobo zaso ngokuhtaziya izibonelo sizithatha ezibongweni zayo iNkosi uDingane. Stzohlazrya ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane size sibheke nophawu lapho sizocubungula izinhlobo zalo. Esahlukweni sesihlanu sizobhekana izifengqo lapho sizoveza ukuthi ihaba liyini sicwaninge izibonelo inhlonipho; isiqhathaniso, ukuhambisana kanye novuthondaba. Isahluko sesithupha sizogxila esakhiweni lapho sizobhekana nempindwa, ukuphindaphinda, imvumelwano, ukuxhumana ifanangwaqa, ufanankamisa kanye nefuzankamisa. Isahluko sesikhombisa sizophetha ngezincomo.
Description
Submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree Doctor of Philosophy in the Department of African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, South Africa, 2002.
Keywords
Zulu praise poetry
Citation