Ucwaningo olunzulu ngemilozi, inkulumobuthule nemikhuba yayo esiZulwini

Thumbnail Image
Date
2009
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Ekudukeni kokukhuluma okuqanjwa ngabantu kutholakala imilozi idwanguza idinga ongayeqela ukuze ithole umthamo wayo ongalandelwa. Njengoba iqanjwe ngabantu kumele igcinwe futhi ithole ukunonophaliswa ngoba ayipheli olimini lwabantu kuphela nje ukuthi banokungayinaki abantu kepha bayayenza. Le milozi eqanjwa ngokuzwakala endlebeni njengesitho esingagcwali kulokho esikulalelayo senza iqambeke futhi ibe nobumtoti obuhamba nolimi lwesiZulu. Isahluko sokuqala sidingida, sihlahle indlela ebalulekile emsebenzini ozoqhutshwa ngayo. Umehluko kuso isahluko uveziwe wokuthi inhloboni yemilozi okubhalwa ngayo. Umklamo uqoqile uveza amanoni ngemilozi azothintwa kwashiywa amanangananga angadingekile ukuze indlela icace. Isahluko sikubeka kucace ukuthi ngobani labo abazohlomula behlomula uma benzenjani. Ongcweti nochwepheshe badaluliwe kuso isahluko ngenhloso yokunonophalisa umsebenzi ukuze umsebenzi ufakaziseke. Isahluko sesibili siveza imilozi ngokwahlukana kwayo njengoba itholakala yenzeka kuyo imvelo ezungeze abantu. Kulesi sahluko kutholakala imilozi eyenziwa izinyoni kuphela. Kwazona zehlukanisiwe ngokwehlukana kwazo njengoba zivela kubantu zibakhombisa izimo ezingefani. Lezo zimo kuyinhlanhla, amashwa nokubika imvula. Kuso isahluko kutholakala nokuthuthukisa ulimi ngalokho imilozi ekuqukethe nokuyinkulumobuthule edalulwa ukwenza kwezinyoni okufundwa ngezikwenzayo. Isahluko sesithathu siqukethe imilozi eyenziwa izilwane ezingafuyiwe zasendle. Lezo kube indlovu, ibhubesi, ubhejane nezinye. Zehlukaniswe ngenhloso yokuthi zona zinokuthile okudinga kutholakale kuzo kucoshelelwe ukuthi zinokubaluleka okungakanani esintwini esingamaZulu. Siqhubekile isahluko sethula imibuzo engazo nanenkulumobuthule eyethulwa yizo izilwane lezi. Ukubaluleka kwazo kuthinte nobumqoka bazo ekuqambekeni kwezibongo zaMakhosi nokuzimbandakanya kwazo ngobungozi bazo kwabangaMakhosi oselwa. Isahluko sesine sethula imilozi eqondene nemikhando yabantu. Siqalisa ngokuchaza okudinga kwazeke ngendlela imilozi engahlaziywa ngayo. Isahluko sethule ukuhlaziya ngoba imilozi ifuna ukukhanyisa kafuphi okutholakala kuyo okunobunkondlo. Ukubumbeka kwayo ngaphandle nangaphakathi nokunye. Isahluko sisaqhubeka nokuveza ongoti abasibona isidingo sokuthola ubunkondlo ngayo. Asigcini isahluko ngokuthola lokho kepha siqhubeka naleyo milozi eqondene nemikhando yabantu nalokho ekwenza kubo. Imilozi eqondene nemikhando kungasatshalalwa nakho konke okukhandwe ngabantu, kwakhethwa leyo enobumqoka kubo. Isahluko sesihlanu sidalula okuhlaziywa ngemilozi ukuthi ubumqoka bayo esintwini esingamaZulu ithini. Amaphuzu alandelene aveza ubumqoka nokubaluleka kwemilozi nabonakale ngokucwaningwa kwayo ngenkathi izihloko zicutshungulwa. Siqhubekile isahluko sesihlanu saveza izincomo ezithamundwe zalandelana ngenhloso yokugqamisa okutholakala kulahleka olimini lwesiZulu. Isiphetho sisonge konke okwethuliwe sabuye sanenezela ngokuphosa inselelo kulabo abangabukela phansi ubumtoti obutholakala ngemilozi.
Description
Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu zo-buDokotela kunzululwazi emnyangweni weZilimi zabomdabu eNyunivesithi yakwaZulu. = Submitted in fulfilment of the requirements of the Doctor of Philosophy in the Department of African Languages, at the University of Zululand, South Africa, 2009.
Keywords
imilozi, Soft whistle
Citation