Iqhaza lemizila ekudleni nasemithini yomdabu kubhekiswe kakhulu esizweni samaZulu

Loading...
Thumbnail Image
Date
2004
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Lolu cwaningo luwumzamo wokuphonsa itshe esivivaneni sokushicilelwa nokulondolozwa kwalokho okungamagugu esizwe. Isizwe esingalondolozi amagugu nefa laso sinjengomuntu ovunule akangapheleia. Iqhaza lezimila emithini nasekudleni komdabu kumaZuiu kuyinto ebalulekile neyigugu. Kumele kubhekwe ngamehlo abanzi ukuze nezizukulwane ezizayo zilithole lela gugu zilisebenzise, kusimame isizwe. Uma isizwe sesibizwa ngesithuthukile leso sizwe sisuke kokuningi sikwazi ukuziphilisa ngalokho okuyifa namagugu aso. Izimila zingelinye lamafa amaZulu ngoba ngaphandle kokudla okuyisidingongqangi, nokwelapha kubalulekile. Kulezi zinsuku zanamuhia kubhoke indlala nezifo ezingomashayabhuqe, abantu bakhathazekile isizwe siyaphela. Inselelo le ebhekene nesizwe okumele siyihlangabeze ngolwazi nangesibindi. Bekungamele siqaiaze kude kodwa bekufanele sibheke esinakho sisebenzise khoaa kuxazululeke inkinga esikhungethe. Umcwaningi ubona sengathi iqhaza lezimila ekudleni nasemithini yomdabu lithanda ukushabalala. Impucuko yaseNtshonalanga yenza abantu abaningi babone sengathi ukudla komdabu kuyinto ephansi futhi kungukudla okungenamsoco. Umsoco bekucatshangwa ukuthi utholakala ekudleni kwesilungu kuphela. Iqhaza lezimila emithini yomdabu nalo futhi belibukelwa phansi. Bekubonakala sengathi imithi yesilungu yodwa engasetshenziswa ukwelapha abantu kulezi zinsuku, ngoba mhlawumbe kube nomuntu mumbe ongenalwazi ngemithi yesintu. Ukudla okunomsoco kugcina umuntu ephilile enamandla. Ukudla ukudla okungenamsoco kudala isizwe esingondlekile nesintekenteke. Uma kubhekwa lezi zimila zomdabu kubonakala kusuka izizwe phesheya kwezilwandle zizokwenza ucwaningo lapha kwaZulu-Natali zibuyele emuva ziyokwenza amaphilisi nemithi ngazo lezi zimila zethu. Lokho kufakazela iqiniso lokuthi, sicebile, sinefa, okumele siligcine silisebenzise ngokuyikho ukuxazulula tzinkinga esinazo njengesizwe samaZuIu. Ucwaningo luyindlela yokufika ekuxazululweni kwezinkinga ezisikhungethe. Inhlosongqangi yalolu cwaningo bekuwukucwaninga ngeqhaza lezimila ekudleni nasemithini yomdabu esizweni samaZulu. Inhloso exhanteleyo yona kuwukucwaninga ukuthi lungakanani ulwazi ngeqhaza lezimila ekudleni nasemithini yomdabu yesizwe samaZulu kotbisha abachibiyela izifundo zabo zokufundisa. Kusetshenziswe uhlelo nohiu lwemibuzo ukufeza ie nhloso. Kube sekubhekwa nalokho osekuke kwabhalwa ngeqhaza lezimila ekudleni nasemithini yomdabu. Kucwaningwe ngezimila ezinhlobonhlobo, ezidliwayo, ezinobuthi nalezo ezeiaphayo. Imfuyo nayo ayisalanga ngaphandle, kubukwe izhnila ezelapha imfuyo kanye nalezo eziyingozi emfuyweni. Imiphumela etholakele ibe isihlaziywa kwenziwa izincomo, kwaba isiphetho emva kwalokho.
Description
A thesis submitted in fulfillment of the requirements of the degree of Doctor of phisophy in the Faculty of Arts, in the Department of IsiZulu naMagugu at the University of Zululand, 2004.
Keywords
African indigenous methods -- health promotion, Traditional medicine
Citation