Ucwaningo ngeqhaza labesifazane esizweni samaZulu, kubhekiswe kakhulukazi kuMkabayi kaJama

Loading...
Thumbnail Image
Date
2002
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Lolu cwaningo lubheka iqhaza labesifazane esizweni samaZulu .Kubhekiswe kakhulukazi kuMkabayi kaJama owayengubabekazi kaShaka. Ucwaningo oseluke lwenziwa ngaphambilini ngabacwaningi abanjengo-Nkuna (2001) lapho wavecwaninga khona ngeqhaza labesifazane bamaSwazi kwimidlalo (dramas). Uthi likhulu iqhaza elibanjwe ngabantu besifazane nokuba bethathwa njengabantu abangabalulekile nje kakhulu emphakathini uma beqhathaniswa nabesilisa. Kunenkolelo yokuthi abantu besifazane bangabantu ababi ngoba kwasekuqaleni ibona abaletha isono 'emhlabeni lapho u-Eva elinga u-Adam ngokumephulisa umyalo kaNkulunkulu owayebayale ngawo ngesikhathi ebabeka ensimini yase-Eden. Baze bathi abanye wake wasilaya u-Eva ngabe asihlupheki njengoba sihlupheka kangaka nje. Konke lokho njalo ubunzima obethweswa umuntu wesifazane. Ocwaningweni olwenziwayo ngabantu besifazane kuyatholakala ukuthi babukeleka phansi kakhulu. Bathathwa njengabantu abangabalulekile kakhulu nemisebenzi yabo engemikhulu kakhulu. Uma uxoxisana nabantu besifazane uyathola ukuthi abaningi bayayibona nabo le ndlela abantu besifazane abathathwa ngayo. futhi bayakhombisa ukuthi nabo abayithandi. Akukho okuhle okulindeleke kumuntu wesifazane ngoba uke uzwe kuthiv,a uma umuntu wesifazane enze kahle '"udodile". lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi umuntu owenza kahle indoda kuphela
Description
Submitted in partial fullfilment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002.
Keywords
Women in zulu culture, Mkabayi kaJama
Citation