Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala: The importance of ritual purity in ancestoral ceremonial performance

Loading...
Thumbnail Image
Date
2002
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala wucwaningo olumpande zalo ziphuza emajukujukwini empilo yomuntu ongum-Afrika nesiko lakhe kanjalo futhi zibe zilunguza esikweni lomZulu phaqa. Ukulondolozwa kwamasiko omdabu yiwona mthambo ongumnyoluka wempilo noyinjulalwazi ngemvelaphi yomuntu nomuntu njengoba edaliwe wabekwa echosheni elithile lomhlaba ngoPhezukonke. Ukugudluka kwezinsika zokugcinwa kwamasiko omdabu ikakhulukazi ukubukelwa phansi kwephuzu lenhlanzeko lapho kuphathwa imisebenzi yasebalala yikhona kanye okususe usinga lokuba kwenziwe lolu cwaningo. Sekuhambe ibanga ukugcinwa kwamasiko kodwa le ngxenye yesiko ibinganakiwe ngokungako. Lolu cwaningo luyimizamo yokubuka ngeso elijulile ukubaluleka kwezinsika zokugcinwa ngokuyikho amasiko eSintu ngoba aphethe injulalwazi yempilo yomuntu emenza ehluke kwabanye kanjalo nomlando wakhe. Lolu cwaningo ngumkhombandlela ekugcinweni ngokuyikho komsebenzi wabadala ngenhloso yokuphephisa leyo nzika esasele njengoba izivunguvungu zokushabalalisa amasiko omdabu zilwa impi yansukuzonke. Esokuqala isahluko sethula indikimba ngalokho ucwaningo oluphokophelele ukukuhlaziya. Ngaphezu kwalokhu, isahluko siphinde siveze lokho okube yilahle eliyimbeleselane elisuse ugqozi lokuhlwaya ngalesi sihloko. Kuyavela futhi ukuthi lolu cwaningo lunemincele ngenxa yokuba ngudedangendlale kwesihloko salo yingakho nje lona lucubungule esingakubiza ngokuthi yiwona mongo walesi sihloko, inhlanzeko. Esokugcina sona siqoqa amaphuzu adingidiwe ngenhloso yokuphetha imbenge kanjalo nokuveza iZlncomo okungathi ngokulandelwa kwazo ngokuyalela kocwaningo kube khona izinguquko endleleni isiko elibukwa ngayo kanjalo nasendleleni abantu abagcina ngayo imisebenzi yabakubo asebalala. Indikimba yalolu cwaningo yona yakhiwa yizahluko eziyisithupha ezidingida izigaba zokukhula komuntu kusuka ezalwa, egana I eganwa kuze kube wendela koyisemkhulu. Isahluko sesibili siyinjulalwazi ngenkolo yomdabu ikakhulukazi kugxilwa kwinhlanzeko efundiswa abantwana lapho befika kulo mhlaba bese leyo mfundiso beyigwinya, bayiphile nokuyikona okubalungiselela ikusasa elifika nezingqinamba zalo. Isahluko sesithathu sona sibuka ukugcinwa kwamasiko endabuko ikakhulukazi lawo agcinelwa abantwana besebancane kuze kuyofika lapho bethomba khona. Ukubaluleka kwawo kanjalo nophawu oluhambisana nawo yikona olugcizelelweyo. Inhloso kuseyiyona leyo yokubuka ngeso elinzulu iphuzu lenhlanzeko njengesinongo-esingugo ekuphumeleliseni la masiko kanjalo' nokwedlulisela ngempumelelo umntwana emabangeni ahlukahlukene. Isahluko sesine sona sibheka umemulo nenhlanzeko egcizelelwa yileli siko. Lesi sahluko sibheka ubuntombi nto njengesizathu sokugcinelwa leli siko. Uphawu ngezinto ezisetshenziswayo lukhuluma buthule nezethameli kuleli siko. Lesi sahluko sandulela futhi sishanela amabala aleso sokuganana leso okuxoxwe ngaso kwisahluko sesihlanu. Ubumsulwa bentombi I bensizwa yibona obudlulisela ngesinono umuntu kuleli banga. Umlobokazi ukufakazela ngokufaka imvakazi lobu bumsula ngosuku lodwendwe. Isahluko sesithupha sibheka ibanga esingalibiza ngebanga eliyisiphetho sempilo yomuntu yakwamhlaba izinga lokufa. Lesi sahluko sicubungula injululwazi ngokufa qobo kanjalo namabanga ahanjwa ngumphefumulo womuntu, uhlanzwa ngemisebenzi egcinwayo enhlobonhlobo ukuze ubuye uzongena ebudlozini bekhaya. Isahluko sesikhombisa sibuka izinguquko ezikhona ekugcinweni kwawo wonke la masiko okuxoxwe ngawo ezahlukweni ezidlule. Izizathu ezidala izinguquko ekugcinweni kwala masiko zibekwe obala. Kuphawuliwe futhi kulesi sahluko ngobunjalo bamasiko kanjalo nokuhambelana kwawo nesikhathi okuphilwa kuso. Ubunjalo bezinguquko bushiyelwe umfundi ukuba kube nguyena owehlulelayo ngobuhle nobubi bazo. Umcwaningi ushiyele ofundayo ukwahlulela ngobuhle nobubi bezinguquko zesikhathi emasikweni endabuko. Isahluko sesishiyagalombili sona siqoqa amaphuzu okuxoxwe ngawo ezahlukweni ezingaphambi kwaso.Okubalulekile ngalesi sahluko wukuthi sithi siyiqoqa kanjalo futhi sibe siyinkombandlela yalokho okubukwa ngeso lomcwaningi ukuthi kungaholela ekugcinweni ngendlela eyamukelekileyo kwamasiko omdabu.
Description
Submitted in partial requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002.
Keywords
Ancestoral ceremonial performance--Zulu culture, Language and culture., Zulu language.
Citation