Ukwakhiwa komuzi wesiZulu / the building of a Zulu homestead

Loading...
Thumbnail Image
Date
2017
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Lolu cwaningo lucubungula indlela yokwakhiwa komuzi wesiZulu ukubaluleka nokunakekelwa kwawo. Lubheka imikhutshana eyenziwa kusukela umuzi uthutha enxiweni elidala uyokwakhiwa enxiweni elisha uze uqanjwe igama noma amagama. Isahluko sokuqala siveza ucwaningo nenhloso yalo. Kuvezwa umklamo wocwaningo nendlela esetshenziswe ngenkathi kubhekenwe nalo mshikashika. Kwenekwa umlando omfishane ngendlela okwakhiwa ngayo umuzi wesiZulu. Isahluko sesibili sibheka kabanzi imikhutshana namasiko enziwa uma umuzi usuka enxiweni elidala uyokwakhiwa enxiweni elisha. Kubhekwa ukubethela kwenxiwa elisha, ukwakhiwa kwezindlu ngokosiko nokubaluleka kwazo. Isahluko sesithathu sigxile kakhulu ekuqanjweni kwegama lomuzi nokubaluleka kwalo. Kuqalwa lapho kubikwa, kumenywa, kwenziwa utshwala, kuhlatshwa imbuzi nenkomo. Isahluko sesine siveza sicubungule ukwakhiwa komuzi wakoMkhulu. Lapha kubhekwa isigodlo, ezinye izindlu zakoMkhulu, isibaya semikhosi namabutho nesibaya sezinkomo. Isahluko sesihlanu sigxile emfuyweni yomuzi wesiZulu. Imfuyo ebhekwayo yile: izinkomo, isibaya sezinkomo nemisebenzi yezinkomo. Izimbuzi, isibaya sezimbuzi nemisebenzi yezimbuzi. Izimvu, isibaya sezimvu nemisebenzi yezimvu. Isahluko sesithupha sicubungula ukubiywa komuzi wesiZulu. Kubhekwa isango, izintuba nothango. Isahluko sesikhombisa sizobe sesiyiphothula le mbenge bese sihlaziya lonke ucwaningo, siveze izincomo kanye nesiphetho. SUMMARY The research looks and investigates on how to build a Zulu homestead and how to look after it. It looks firstly on how to move from an old homestead to a new homestead as well as the manner in which it is named. Chapter one looks at the research aims, limitations and research methods. The research gives a background on how the Zulus build their homesteads. Chapter two looks deeply on how to move from an old homestead to a new homestead according to Zulu custom. The head of the kraal invites a witch doctor to put his/her pegs called izikhonkwane at night as a protection against wizards and lightning. The research looks at how they perform it. The Zulu huts are a round-dome shaped structure made by sticking a row of saplings in a circular trench some six inches deep and about fifteen feet in diameter. The Zulu huts everywhere are built on the same plan ever disturbing the customary arrangement of huts. Chapter three concentrates on the naming of homesteads which reflect the innate’s desire for peace, good health, joy and happiness. The research looks at the Zulu customary activities that are performed during the naming of a Zulu homestead. Chapter four investigates the way in which a King’s palace is built and the difference between the King’s residence and an ordinary person’s residence. Chapter five is the investigation of the following livestock, cattle, goats, sheep, chicken and dogs. Moreover their importance in Zulu and places where they are kept at night. Chapter six deals with the way in which a homestead had a hedge around it, main gate and small gates. Chapter seven covers findings of the research, recommendations and conclusion.
Description
Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu zobuDokotela kwiNzululwazi (Doctor of Philosophy) emnyangweni wezilimi zoMdabu naMasiko eNyuvesi yaKwaZulu, 2017. Thesis submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree of Doctor of Philosophy in African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2017.
Keywords
Ukwakhiwa komuzi, Zulu homestead
Citation