Ucwaningo olunzulu ngesiko lokubuyisa iThongo

Loading...
Thumbnail Image
Date
2004
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nokubuyisa ithongo noma idlozi. Ukubuyisa lokhu kwenziwa ngenkolo yaboMdabu, yokuthi umoya womuntu osewashona uyabavikela abomndeni abasaphila. Lolu cwaningo luyimpendulo yokuthi kahle hIe yini ebuyiswayo. Ngenkathi kucaciswa ngenkambiso yesiko lokubuyisa nemmmmgwane, kunikezwa nezexwayiso kwabaphilayo. Uma leli siko lingenziwanga sampela noma lingenziwanga ngenhlonipho nentobeko elifanele; abaphilayo bazidonsela amanzi ngomsele. Bavelelwa amashwa namashobolo. Izindlela zabo zibemnyama. Esahlukweni sokuqala, isigaba 1.4, kuchazwa amagama asetshenziswe ukuchaza izimo e:zithile njengokuthi; ukulanda owashona akufani nokubuyisa ithongo. Umsebenzi womuthi wamadlozi, umlahlankosi awufani ngazo zonke izikhathi. Abaphilayo kufanele babenolwazi nokuqonda yonke inhlonipho ephathelene nenkolo nomsebenzi wesiko ngoba inhlonipho yabangasekho neyempilo yonke jikelele iyingxenye yamasiko namagugu enza ukuthi isidalwa esingumuntu sehlnke ezilwaneni. Isahluko sesibili sichaza ngobukhona bemimoya enamandla phezu kwezidalwa ezingabantu. Le nkolo yemimoya (Spiritism), ikhona enkolweni yamasiko oMdabu futhi ikhona nasenkolweni yobuKrestu nakwezinye izinkolo. Le mimoya, iyimimoya yabantu asebashona okuthi uma izihlobo zayo ziyihlengile ngempumelelo, iziveze ingamadlozi noma amathongo, iqonde ukwakha ubudlelwano obuhle obubonakala ngokuvikeleka, impumelelo nezinhlanhla kuzihlobo zayo ezisaphila. Uma izidingo zale mimoya zingafezwa, iqhamuka isiyizithunzi eziletha isinyama, kwenye inkathi ibe yizithutha ezihlasela, zibhuqabhuqe umndeni ngezifo, umuzi uvalwe ngehlahla. Izipokwe nemingcwi zikuleli butho le mimoya engondingasithebeni ngoba mhlawumbe ingafihlwanga ngenhlonipho, ingazilelwanga noma ingabuyiswanga. Isiko lokubuyisa lingubufakazi benkolo ethi; abasishiyayo kulo mhlaba baya ndawana thize, lapho bafike bahlangane khona noMvelinqangi kanye nezigidigidi zezinkulungwane zamalungu emindeni yabo ezedlula mandulo kulo mhlaba. Ngokwenkolo yaboMdabu, tmtmoya noma imiphefumulo yalaba bantu asebekweliphakade isisondelene noMvelinqangi, sekuyimimoya engcwele esiyophila ingunaphakade. Le mimoya iyabuyiswa izobheka, ivikele abaphilayo noma singathi iyabuyiswa ingcweliswe ngokwesiko njengoba kubuya umoya wedlozi uzosebenza "uphile" kophilayo. Ngokwenkolo yaboMdabu, kukhona izindawo ernzini waboMdabu ezingcwele, ezihlonishwa kakhulu ngoba ziyizizinda zamathongo. Le mimoya-ke ibuyiswa, ikhushulelwe, yethulwe kulezi zindawo. Imidati ngalezi zindawo nemininingwane yesiko eqondene nazo, idingidwa esahlukweni sesithathu. Isahluko sesine sihluba udlubu ekhasini mayelana nokuthi Iiyini isiko lokubuyisa ithongo. Lesi sahluko sidingida ngenkambiso yokwaziswa kwabomndeni nozalo ngomsebenzi, nangokusingathwa ngenhlonipho kotshwala balo msebenzi. Siphetha ngokubika,nokumenywa kwabangasekho ngembuzi ukuba bazobusisa 10 msebenzi. Ngalolu suku usuke usuqalile umsebenzi wokubuyisa ithongo. Isahluko sesihlanu silandisa ngokuqhubeka ngosuku Iwesibili lomsebenzi, okulusuku lokuwa kwenkomo. Ukuhlatshwa nokuhlinzwa kwale nkomo kubuveza obala ubucayi nobunzima balo msebenzi. Usuku Iwesithathu nalo lunolwayo imidati nemikhutshana yokuphothula umsebenzi wonke. Umoya womufi sekusukwa nawo esibayeni usuyokwethulwa endlini enkulu, eyisigodlo samathongo. Ukubuyisa ithongo okuqhakanjisiwe ngokomnumzane, indalabantu. Ukubuyiswa kwenzalabantu, omame nonina womnurnzane kuthiwe halamuzi. Kugxilwe kumnurnzane ngoba maningi amasiko nemikhutshana egcinwayo uma kubuyiswa ithongo lomnurnzane ukwedlula laba abanye. NeNkosi yesizwe ingumnumzane ngakho-ke iyathinteka nayo njengomnurnzane. Isahluko sesithupha simayelana nokuhlaziya nokuphetha. Siphethe izincomo nokusonga jikelele. Izincomo ezikhona ezokunxenxa nokunxusa abantu ukuthi bagcine amasiko abo bangagijimeli amasiko nenkolo yezinye izizwe, bafenyise amasiko nenkolo yaboMdabu. Kungaba kuhle aboMdabu baqale bahlunge amasiko esingathi awasahambisani nesikhathi nenhlalo yesimanje, bese kuthi lawo masiko asengumgogodla wenkolo yaboMdabu navuselela ubuntu bezizwe zoMdabu zase-Afrika athuthukiswe ezikhungweni zemfundo yawo wonke amazinga, aqhakanjiswe futhi nasemibuthanweni yaboMdabu.
Description
A dissertation submitted in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of iSizulu namaGugu at the University of Zululand, 2004.
Keywords
Ucwaningo olunzulu ngesiko lokubuyisa iThongo, Zulu culture
Citation