Ucwaningo ngomthelela wamalungelo abesifazane nezingane ekuqedeni amasiko nenhlonipho esizweni samaZulu

Loading...
Thumbnail Image
Date
2014
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Intuthuko ifika nezinguquko ezahlukene nezenza kwesinye isikhathi kuthinteke nosikompilo lomuntu. UMthetho wamaLungelo alethe ushintsho olukhulu eNingizimu neAfrika, abe nomthelela ekuziphatheni kwabantu besifazane nezingane esizweni samaZulu. Lokhu kuthinte kakhulu amasiko nenhlonipho esizweni. Kuzovezwa ukungaboni ngaso linye okukhona ezinhlakeni ezithile mayelana nezinguquko ezithinta isiko ekwenzeni imicimbi ethile bese kuzanywa ikhambi lokwelapha lokhu. Isahluko sokuqala: Lapha kwethulwa ucwaningo ngokuveza inhloso nentshisekelo yocwaningo. Kukhona izihloko ezizokwakha ucwaningo njengengqinamba, indlela yokuqhuba ucwaningo, ukubaluleka kocwaningo, imibono yongoti nabathintekayo. Umklamo uzoveza ukuthi ucwaningo luzobe lugxile kuphi. Ukuchazwa kwamagama athintwa isihloko socwaningo kuzokwenza kucace ukuthi liyini isiko. Isahluko sesibili: Kuzobuzwa abantu ngalokho okuthinta isiko namaLungelo. Uhla lwemibuzo luzosetshenziswa ukuze kuvele imizwa nemibono eyahlukahlukene yabantu. Abantu bamazinga ahlukene intsha, omama kanye nogogo bazophawula bazwakalise imibono yabo ngokulandela uhla lwemibuzo. Kuzofundwa imibhalo yongoti nokuphawula kwabo kanye nolwazi olutholakala emaphephandabeni emisakazweni nakomabonakude. Isahluko sesithathu: Kuzohlaziywa imiphumela yocwaningo kanye nemibono yababhali. Kuzovezwa nezinguquko esezikhona mayelana nendlela okuqhutshwa ngayo amanye amasiko esintu. Kuzobhekwa nezigameko ezenzeka esikhathini okuphilwa kuso ukuthi ngabe amaLungelo aneqhaza elingakanani ekunyuseni izibalo. Isahluko sesine: Kubhekwa izinselelo ezibhekene nesizwe sonkana. Izinselelo ngokwamazinga ahlukene njengamakhosi, intsha, izintombi, nezinsizwa kanye ne Silo samabandla. Kucubungulwa iqhaza isizwe elingasithatha ukubhekana nenkinga nokuqhamuka nesisombululo. Isahluko sesihlanu: Kulesi sahluko kubhekwa iziphakamiso, izincomo nokusonga. Kuningi okungaba izixazululo ezingenza uZulu wonkana asale ethokozile ezintweni ezithintaokungamagugu esizwe samaZulu. Lapha kugoqwa konke ngethemba lokuthi kuzosizakala abantu bamazinga ahlukene kakhulukazi intsha
Description
Lolucwaningo lwethula ukufeza izidingo zeziqu ze- Masters of Arts emnyangweni wesiZulu namagugu enyuvesi yaKwaZulu
Keywords
Citation
Collections