Zibanjwa zimaphuphu kwelikaMthaniya kaNdaba

Loading...
Thumbnail Image
Date
2012
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko okusingatha abantwana besuka ebeleni baze babe badala. Kunezigaba eziningana umntwana edlula kuzo kulolu khalo lokukhula oluphikelele ebudaleni. Namuhla kunezinkinga ezitholakalayo lapho abazali bekhulisa abantwana babo. Izinkinga ezibangwa ukunyonkela isikomqondo laseNtshonalanga. AbaseNtshonalanga abakhombisi nhlanganyelo uma bekhulisa abantwana babo. AmaZulu wona athi umntwana owesizwe, okaBayede Ongangezwe lakhe, iNgonyama. Abantwana bamaZulu bakhuliswa ngenhlanganyelo kusukela konina, kubazanyana kuze kuyofika emaqhikizeni uma kanti umntwana uyintombazane. Abafana bona bakhulela esizikithini sabanewabo okuyibona beqondisa indlela yabo ezinkomeni. Umcwaningi uthi uZulu ake awaphonse emuva abone ukuthi babekhuliswa, besingathwa kanjani abantwana kwelasendulo. Isahluko sokuqala sigxile ezinhlosweni kanye nenkuthazo efikele umcwaningi ngenkathi ebona umonakalo nencithakalo isizwe esesiphila kuyo. Ucwaninge ngalesi sihloko egcizelela amasiko ayegcinelwa abantwana ngezikhathi ezithile zokukhula. Kulesi sahluko kubukwe nendlela okuzoqhutshwa ngayo ucwaningo. Kuyokwenziwa njani ukuze lolu cwaningo lube yimpumelelo. Lapha kubuye kwabhekwa izikhali eziyosetshenziswa ukuyifezekisa inhloso yocwaningo. Kuzothi kanti kubuzwa kubantu bangakhohlakali ongoti, omakadebona. Banolwazi oseluhloliwe lwathenjwa yisizwe. Isahluko sesibili kubhekwa umuzi wesiZulu njengekhaya akhulela kulo umntwana. Ikhaya ngokwalo lingumqeqeshi isibili. Abantwana bafunda ekhaya ukuhlonipha abanye kanye nabadala. Uhlonze lwekhaya lubonakala kumntwana okhuliswe yilo. Asifiki isikhathi lapho abantu bethi: “Lokhu kwakhulela esimpontshini njengephela.” Kulesi sahluko kubhekwa izindlu nokubaluleka kwazo. Kubhekwa uthango, isibaya nemithetho yokusingatha lezi zakhiwo. Kusekhaya lapho abantwana befundiswa ngezimakade ezinjengoMvelinqangi noNomkhubulwana. Kulesi sahluko abantwana bafundiswa ngenhlonipho yempahla, izinkomo nezimbuzi. Bafundiswa ngobungcwele bobisi nokuphathwa kwalo. Imfundiso ihamba ize iyofika ebulongweni imbala. Nabo buphathwa ngenhlonipho njengobisi. Kulesi sahluko kubukwa ukuphathwa kwamanzi phakathi komuzi wesiZulu. Abantwana bafundiswa ukungahambi ebusuku funa badibane nemimoya efuqayo. Abantwana bafundiswa inhlonipho yokungabizi amagama abantu abadala. Bafunda nokuthakazela okusigcwalisa nswi isiZulu. Isahluko sesithathu sigxile endlini kagogo njengesizinda okhalweni lokukhaliphisa abantwana. Kukule ndlu lapho abantwana beqoqana khona ngezintambama bezofunda ubuchwepheshe kuninakhulu. Yiyo le ndlu eyisizinda sezinganekwane, iziphicaphicwano, imidlalo yokufunda ukubala izinyoni. Kukuyo le ndlu lapha abantwana befundiswa khona imilolozelo yokuthulisa abantwana. Abantwana bafundiswa ngabathakathi nemikhovu. Isahluko sesine sibheka imidlalo yabantwana njengesu lokubakhulisa. Kunezinhlobo eziningi zemidlalo ekhulisa imiqondo yabantwana. Kulesi sahluko kubalwa okhelekhele, ukubala izinyoni njengomdlalo. Ukudla iphaphu kungumdlalo omkhulu wabafana ekwaluseni. Abantwana bafundisana ukuzingela amabuzi neminye imidlalo. Isahluko sesihlanu silandela abafana ekwaluseni nalapho behlangana nezinyoni. Abafana bafunda ngezinyoni ezingadliwa nezidliwayo. Kufundwa ngomthelela wezinyoni esintwini. Ezinye zingabahlonzi bezikhathi, zibikezela ihlobo. Zivusa omame ukuba batshathe amakhuba bayolima. Kubukwa nendlela ezizalela ngayo. Lezo zinyoni ziwondla ngani amaphuphu azo. Ezinye izinyoni ziphila ngokusizana ekufukameleni amaqanda nasekondleni amaphuphu. Kukhona ezinye izinyoni ezidla ezinye. Ezinye zilusizo, zilayela abafana izinyosi. Kunezisho nezaga zesiZulu ezisuselwa ezinyonini. Isahluko sesithupha siyingqikithi yalolu cwaningo. Kubukwa abantwana bengena ezigabeni ezehlukene, bengena ngemigidi nangamasiko. Kulesi sahluko kubalwa ukuklekla namasiko okukusingatha. Kulesi sahluko kukhulunywa ngesiko lokusukula. Lisingathwa kanjani leli siko. Abantwana balandelwa base bakhule, amantombazane vi aphuke. Uma intombazane yephukile, isingathwa kanjani imicimbi yalokho kwephuka. Uma umfana eshaywe izibuko, kwenziwa njani ukusingatha leyo micimbi. Isahluko sesikhombisa kubukwa abantwana baze bakhule. Uma sebekulesi sigaba babe sebexibulana beshelana belungisela ukuganana. Kukhulunywa ngamacece ahlanganisa abasha. Abantwana bakhula phansi kweso elibukhali lamaqhikiza uma bengamantombazane. Bakhula phansi kweso elibukhali labanewabo uma bengabafana. Abantwana bafundiswa indlela yokuziphatha uma benosofasilahlane babo. Isahluko sesishiyagalombili siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo. Kuvezwa nezincomo ezingalandelwa ukuvula amehlo omphakathi ukuze usizakale ezinkingeni zawo. Izincomo zikhuthaza kakhulu umuzi oNsundu ukuba unamathele emagugwini awo okuyindlela amasiko nenkolo yoMdabu ukuze kuthi noma beqhuba ngendlela yesilungu kodwa bangakulahli okwakubo okuyindlela yawokhokho babo. Kulesi sahluko kubesekuboshwa onke amafindo abengakaboshwa. Aboshwa aqiniswe kube isiphethiwe-ke imbenge.
Description
Submitted in fulfillment of the requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of African Language at the University of Zululand, South Africa, 2009.
Keywords
Zulu culture
Citation