Ukubaluleka kokulobola njengesiko lamaZulu

Loading...
Thumbnail Image
Date
2012
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of Zululand
Abstract
Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenzelwe kulo msebenzi lumayelana nokubaluleka kwelobolo njengesiko lamaZulu. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo, intshisekelo yocwaningo, indlela yokuqhuba ucwaningo, imidiyo yocwaningo, abazohlomula kulolu cwaningo kanye nezingqinamba ucwaningo olungahle luhlangabezane nazo. Isahluko sesibili sethula ngokugcwele ukubaluleka kwesiko lokulobola, kwethulwa imibono yongoti abehlukene ngaleli siko nokubaluleka kwalo. Kubuye kwethulwa ngokuqhathanisa isiko lokulobola emandulo kanye nasesikhathini samanje. Kubuye kwabhekwa ngokujulile ukuthi ubani olobolayo nokuthi umuntu onjani olotsholwayo. Kuso lesi sahluko kubuye kwabhekwa ukuthi amanye ama-Afrika wona analo yini leli siko kanye nezizwe zaphesheya kwezilwandle. Isahluko sesithathu sethula imithetho yokuqhuba isiko lokulobola nezindlela okumele zilandelwe kuleli siko. Kuqalwe ngokuba kuchazwe ngokugcwele ukuthi kulotsholwa ngani. Kubuye kwavezwa ukuthi kulotsholwa kanjani. Zonke izinto eziphathelene nokulobola zichazwe ngokugcwele. Ngasekugcineni kwesahluko kuveziwe ukuthi umuntu ulotsholwa kangaki? Kuphi? Izithombe nazo ziveziwe ukucacisa ezinye izinto. Isahluko sesine sethula amanye amasiko ancikene nesiko lokulobola nezinto ezingaba nomthelela ongemuhle ongagcina ulifiphazile leli siko. Athintwe onke amasiko ancikene nesiko lokulobola. Ziveziwe nezinto eziyimikhuba uma kuqhutshwa leli siko. Ziveziwe izinto ezingalikhuthaza nalezo ezingalifiphaza leli siko. Isahluko sesihlanu simayelana nokuhlaziya nokuphothulwa kocwaningo. Siphethe izincomo nokusonga jikelele kocwaningo. Lesi sahluko sibophe saqinisa onke amafindo abesele elenga ocwaningweni sawabopha athula du.
Description
Submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2012.
Keywords
Lobola, Zulu culture, Zulu culture -- lobolo
Citation