Browsing by Author "Ndaba, Emmanuel Zakhele"
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
- ItemUkuqanjwa kwamagama emizi ezigodini zakwesakwaMkhwanazi kwaDlangezwa(2010) Ndaba, Emmanuel ZakheleLolu cwaningo luyimizamo enzulu yokuveza ubuhlakani isizwe samaZulu esabuphiwa nguMdali, kusukela kokhokho bawokhokho kuze kufike kulesi sizukulwane kuphinde kwedlulele esizukulwaneni esizayo. Kuyadumaza ukubona isizwe kuthi ngoba sehlulwa empini ngesinye isizwe bese silahla konke okungamagugu, amasiko, ubuhlakani, umlando, ulimi lwaso nakho konke okusichaza kangcono phakathi kwezinye izizwe ngoba sigcina sesingasaliqondi imuva nephambili laso. Kuze kwabhekwa ukuma komuzi wesiZulu ngokwehlukana kwezinhlangothi ngokugana kwabalobokazi. Isibonelo: iNdlunkulu, ikhohlo kanye neqadi. Indawo lapha isibayo sakhiwa khona phakathi nomuzi ukuze wonke umuntu abone esibayeni ngaphandle kokusitheka. Ziningi izindlela okwakhiwa ngazo imizi kodwa lolu cwaningo lukwazile ukwehlukanisa imikhukhu, imizi yesilungu kuleyo eyakhiwe isiZulu phaqa. Lolu cwaningo lube nokulandelela lufuna iqiniso ngokuqanjwa kwamagama emizi ezigodini zakwesakwaMkhwanazi KwaDlangezwa. Kutholakale ukuthi ukuqanjwa kwamagama emizi kuvela emibhinqweni, ngokuklolodelana, esimeni sendawo umuzi owakhiwe kuyo njalonjalo. Isahluko sokuqala sicacisa kuthi bha izinhloso zalolu cwaningo. Kulezi zinhloso kuvela nenkuthazo ekhuthaze umcwaningi ukuba acwaninge ngalesi sihloko. Ubekwenza elandela ukusuka nokuhlala kwesiko elilandelwayo uma umuntu ephuma umuzi nokuqanjwa kwegama lomuzi. Kuso lesi sahluko kuyacaciswa ukuthi kubaluleke ngani ukuqanjwa kwegama lomuzi ngomuzi, kubukwa nendlela okuqanjwa ngayo amagama emizi ezigodi zakwesakwaMkhwanazi KwaDlangezwa. Kulesi sahluko kubhekwa nendima okuzohanjwa kuyo eyimingcele yocwaningo. Lokho kusiza ukuthi lo msebenzi ungahambi unhlanhlathe kodwa uqoqeke. Ucwaningo luvezile ukuthi obani okumele bahlomule. Imibono yezingcithabuchopho ilunothisile ucwaningo. Isahluko sesibili sidingida ngemizi emibalwa engaphansi kwesigodi saseMangezi KwaDlangezwa ngaphansi kweNkosi uMkhwanazi. Kubhekwe ukuqanjwa kwamagama emizi nenjula yakho kusukela ezikhonkwaneni ezehlukanisa indawo yakwaDlangezwa nendawo yasOngoye engaphansi kweNkosi uMzimela, kwedlulelwe eMatshemathathu kuze kuyogcina eNtingweni kwaLugweba ngaseMhlathuze esigodini seNduna uMnqayi. Isahluko sesithathu kucutshungulwe ukuqanjwa kwamagama emizi kusukela ngaseMthungulwini eduze neThempeli laseNazaretha eWozawoza. Kwagudlwa ngasesitolo kwaCaluza kodwa awangeqiwa umfula iNkonjane, kwagcinwa ngomuzi wakwaNgqondonkulu (University of Zululand). Kuphindwe kwehliwa ngomfula obheke eMangezi kodwa awangawelwa umfula uMangezi. Empeleni kuzungezwe isigodi esingaphansi kweNduna uMuntu Mkheseni Zibani. Ucwaningo luvezile ukuthi yiziphi izinto ezikhinyabeza inhlalakahle yabantu uma umuntu engaphumanga ngokusesikweni. Inhlupheko, amashwa, ukufa kwabantu nempahla njalonjalo. Ucwaningo luphinde lwaveza ngokusobala indlela okungalungiswa ngayo. Isahluko sesine kucwaningwe ngokuqanjwa kwamagama emizi esigodini saseNkonjane kusukela emfuleni iNkonjane eduze neThempeli laseNazaretha eDumisani, kukhushukwe kwaze kwayogcina ngasesikoleni eMvuzemvuze. Kuphindwe kwehliwa ngomgwaqo uN2 kwedlulwa ngasesitolo kwaZenzele kwaze kwayogcinwa ngomfula uMhlathuze. Empeleni kuzungezwe isigodi seNduna ubaba uMfakeni Julius Mkhwanazi. Ucwaningo luthole ukuthi ukuqanjwa kwamagama emizi kuvela ekuklolodelaneni, ekubhinqaneni, ekukhunkulaneni kwemindeni, ekuziphatheni kwabalobokazi ekhaya njalonjalo. Isibonelo: KwaGodlabathakathi, kwaPhumphele, kwaMntezinyele, kwaCezukukhuluma njalonjalo. Imiphumela yokukhala nokugedla kwamazinyo kumuntu othakathayo ekhaya lapho izikhuni sezibuya ngomkhwezeli nesiphetho sakhe okungukufa kwakhe nendlu yakhe. Isahluko sesihlanu kucwaningwe imizi embalwa engaphansi kwesigodi saseMahunu ngaphansi kweNduna uMandlakayise Mnguni KwaDlangezwa. Kucutshungulwe ukuqanjwa kwamagama emizi nenjula yakho kusukela phansi olwandle ngaseThempelini laseNazaretha eNelisiwe kwaze kwayogcinwa ngomgwaqo ohlukanisa isigodi saseNahunu nelokishi lasEsikhawini ngakwaMcebisi. Kulesi sahluko ucwaningo luthole ukuthi ukuqanjwa kwamagama emizi imvamisa impilo yomuzi iyalilandela igama lawo. Isibonelo: KwaHlengimpilo, Ekukhanyeni, kwaThandwayinkosi njalonjalo. Indlela umuzi owakhiwa ngayo: iNdlunkulu, ikhohlo, iqadi, isibaya, isokangqangi, amalawu ezintombi nezinsizwa njalonjalo. Kucwaningwe ngeqhaza lolimi lwesiZulu, amasiko namagugu esizwe. Isahluko sesithupha siqukethe isihlaziyo socwaningo, kuvezwa konke okuthiwe kuzolandelwa. Ucwaningo lwenze iqoqa lawo wonke umsebenzi ovele ezakhiweni ezehlukene. Ucwaningo lubuye lwadingida izincomo ezihambisana nawo wonke umsebenzi oveziwe ezahlukweni ezahlukene. Esiphethweni salolu cwaningo zinconyiwe izinhlelo ezinegalelo ekususeni inkungu yokungazi ngokubaluleka kokuqanjwa komuzi igama.
- ItemUkwakhiwa komuzi wesiZulu / the building of a Zulu homestead(University of Zululand, 2017) Ndaba, Emmanuel Zakhele; Khumalo, Z.L.M.Lolu cwaningo lucubungula indlela yokwakhiwa komuzi wesiZulu ukubaluleka nokunakekelwa kwawo. Lubheka imikhutshana eyenziwa kusukela umuzi uthutha enxiweni elidala uyokwakhiwa enxiweni elisha uze uqanjwe igama noma amagama. Isahluko sokuqala siveza ucwaningo nenhloso yalo. Kuvezwa umklamo wocwaningo nendlela esetshenziswe ngenkathi kubhekenwe nalo mshikashika. Kwenekwa umlando omfishane ngendlela okwakhiwa ngayo umuzi wesiZulu. Isahluko sesibili sibheka kabanzi imikhutshana namasiko enziwa uma umuzi usuka enxiweni elidala uyokwakhiwa enxiweni elisha. Kubhekwa ukubethela kwenxiwa elisha, ukwakhiwa kwezindlu ngokosiko nokubaluleka kwazo. Isahluko sesithathu sigxile kakhulu ekuqanjweni kwegama lomuzi nokubaluleka kwalo. Kuqalwa lapho kubikwa, kumenywa, kwenziwa utshwala, kuhlatshwa imbuzi nenkomo. Isahluko sesine siveza sicubungule ukwakhiwa komuzi wakoMkhulu. Lapha kubhekwa isigodlo, ezinye izindlu zakoMkhulu, isibaya semikhosi namabutho nesibaya sezinkomo. Isahluko sesihlanu sigxile emfuyweni yomuzi wesiZulu. Imfuyo ebhekwayo yile: izinkomo, isibaya sezinkomo nemisebenzi yezinkomo. Izimbuzi, isibaya sezimbuzi nemisebenzi yezimbuzi. Izimvu, isibaya sezimvu nemisebenzi yezimvu. Isahluko sesithupha sicubungula ukubiywa komuzi wesiZulu. Kubhekwa isango, izintuba nothango. Isahluko sesikhombisa sizobe sesiyiphothula le mbenge bese sihlaziya lonke ucwaningo, siveze izincomo kanye nesiphetho. SUMMARY The research looks and investigates on how to build a Zulu homestead and how to look after it. It looks firstly on how to move from an old homestead to a new homestead as well as the manner in which it is named. Chapter one looks at the research aims, limitations and research methods. The research gives a background on how the Zulus build their homesteads. Chapter two looks deeply on how to move from an old homestead to a new homestead according to Zulu custom. The head of the kraal invites a witch doctor to put his/her pegs called izikhonkwane at night as a protection against wizards and lightning. The research looks at how they perform it. The Zulu huts are a round-dome shaped structure made by sticking a row of saplings in a circular trench some six inches deep and about fifteen feet in diameter. The Zulu huts everywhere are built on the same plan ever disturbing the customary arrangement of huts. Chapter three concentrates on the naming of homesteads which reflect the innate’s desire for peace, good health, joy and happiness. The research looks at the Zulu customary activities that are performed during the naming of a Zulu homestead. Chapter four investigates the way in which a King’s palace is built and the difference between the King’s residence and an ordinary person’s residence. Chapter five is the investigation of the following livestock, cattle, goats, sheep, chicken and dogs. Moreover their importance in Zulu and places where they are kept at night. Chapter six deals with the way in which a homestead had a hedge around it, main gate and small gates. Chapter seven covers findings of the research, recommendations and conclusion.