Browsing by Author "Mthembu, Vusumuzi Joseph"
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
- ItemInjula yesithembu ikakhulukazi esizweni samaZulu(University of Zululand, 2000) Mthembu, Vusumuzi Joseph; Khumalo, Z.L.M.Lolu ewaningo Iwenzelwe ukuqhakambisa iZinga lenhlonipho elitholakala esithenjini. Kuzovela ukuthi amadoda, abafazi, izinsizwa, izintombi ezisesithenjini zithi zihlonipha zibe zizihlonipha. Yilowo nalowo akafuni ukuphoxa umuzi wakwabo. Izintombi zomuzi, azifuni ukushiya imilanjwana ngoba ziyazi ukuthi yephuca onina inkomo yohlanga. Lokho kumenza Iowa onentombazane ezalele ekhaya, ezizwe ejezisekile emehlweni kaSokhaya kanye nawesigodi sonke jikelele. Yingakho amantombazane esigodi aye athi athukiwe nxa kukhona insizwa ekhulelise intombazane yesigodi, bese efuna ukugezwa ngembuzi ezobulawa engayidli nokuyidla, ngoba eyithatha njengento edala amashwa namashangusha. Kwamuzi onale ntombazane uze ugcine ugezwe ngenkomo okuthiwa ngeyombhubuzo. Ngamantombazane ehlelwe yilo mshophi agcina eganiselwe amakhehla, ayokwandisa izithembu zamakhehla, ezingatholi ngisho isikhundla sokuba indlu yokugugela ngenxa yokuthi eze ngesijeziso. Lesi sihloko sikhethwe nangenxa yokujula kwaso ekuvezeni amagama ezindlu emzini onesithembu. Kulolu khalo siqonde indlunkulu, ikhohlo, iqadi, isokanqangi kanye namabibi. La magama nje ewodwa ayalwandisa ulimi IwesiZulu. Inhlonipho kankosikazi wasendlunkulu ithe thuthu ngezinga kuneyasekhohlo. Inkosikazi yaseqadini ingena endlunkulu. Kuzocaciswa inzululwazi nezinjulamqondo eziqukethwe yisithembu. Lolu Iwazi luzokwelekelela luthandaniswe nezinsalela zesithembu ezisekhona ukuze kujeqezwe emuva kubuye kugqolozelwe phambili. Lokhu kuzogcina kuveze isithombe sokuthi izolo, inamuhla nekusasa kungenziwa kufane uma ulwazi 4 olugoliwe lufakwe emiqingweni yamabhuku. Bese kuthi zonke izizukulwane eziyolandela. ziluthole lolu Iwazi lukhweziwe Iwalondolozeka kahle. Kumele ukuba abacwaningi balwenze lube ugume kumbe ukhothe Iona olungaboli izizukulwane ngezizukulwane. Lokho kuyokwenza ukuba umuntu athele esandleni afumbele emlonyeni, ashaye esentwala qede ashaye amanhlakomuzi. Ngalokho sihlose ukuveza iqiniso lokuthi lolu cwaningo akulona olokugcina kepha wumzamo wokuthundlaza indlela eyohamba abafowethu nodadewethu abayolandela ukuze bavule 10 mendo ube umgwaqo.
- ItemUbumqoka bezinkomo esizweni samaZulu(University of Zululand, 2009) Mthembu, Vusumuzi Joseph; Khumalo, Z.L.M.Lolu cwaningo luveza ubumqoka bezinkomo esizweni samaZulu. Ukukhonzwa kwazo kuvezwa kungaba yisisusa sempi. Inkomo ivezwa ingumgogodla wempilo yoMzuIu. Amabanga okukhula kwayo, ukunakekelwa, ukudla okuvela kuyo okungamasi kanye nenyama bese kuba yimvunulo eyakhiwa ngesikhumba sayo. Inkomo ivezwa ingumxhumanisi wabaphansi nabaphezulu. Ukumisa, izitho imibala nobuciko bomlomo kuvela kunonophalisa ulimi lwesiZulu. Esahlukweni sokuqala kuvezwa inhloso yalolu cwaningo. Inkomo ibekwa endaweni yayo eyifanele ngenxa yokuthinteka kwayo ezinhlakeni eziningi emindenini nasezintweni ezithinta amaZulu. Kuvela ukuthi lolu cwaningo Iuzoba umthorabo wolwazi ojulile lapho abafundi bolimi lwesiZulu abazophuza khona. Luzovuselela uthando lwenkomo kanye nokunakekelwa kwayo kuwo wonke amazinga. Kuso lesi sahluko kuvezwa izizathu ezenza kucwaningwe lubuye luhlabe luhlakaze ukuphathwa kabi kwezinkomo ngoba kuholela ebubheni. Ucwaningo lubuye luveze inkinga yokuthi alukho ucwaningo oluqondene nenkomo yodwa kodwa osekwacwaningwa kufaka nenye imfuyo. Lesi sahluko sibuye sinikeze nencazelo yamagama asetshenziswe ocwaningweni kanye nendlela ucwaningo oluzoqhutshwa ngayo. Esahlukweni sesibili kuvezwa amabanga okukhula, ukunakekelwa, ukudla kanye nemvunulo. Emabangeni okukhula kwenkomo kuthintwa umvemve, inkonyane, ithole, iguqa, inkomo esikhulile, inkomazi nenkunzi. Ukunakekelwa kwazo kuzo zonke lezi zigaba kuyavezwa. Kubuye kuvezwe nokuhlonishwa kwezinkomo kanye nesibaya ezihlala kuso ngoba siyithempeli lomndeni. Kuvezwe ukudla okuthandwa ngamaZulu kakhulu okuyinyama, ubisi kanye namasi. Ukuhlonishwa nokudliwa kwakho kuveziwe. Kuso lesi sahluko kuvezwe imvunulo evela kuso isikhumba senkomo okungeyezingane, eyomame engumnenezo, ingcayi, isidwaba nayabesilisa okungumutsha. Kuvezwe imvunulo yezingwazi, eyodwendwe, eyaMakhosi, eyezangoma namathwasa. Kulesi sahluko kuvezwe ukuthi umzimba uvikelwa ngaso isikhumba senkomo emakhazeni nasekulimaleni. Uvikelwa ngesiphuku, ihawu nangezingxabulela. ^ Kubuye kwathintwa imvunulo yesimanje kanye nezinhlobo ezithile zezinkomo. Esahlukweni sesithathu kuvezwe izinkomo kanye nokuthinta amasiko amaZulu. Kuvezwe izinkomo eziqondene nokulobola nokubonwa kwezamabheka. Kuvezwe ukuhlanzwa komuzi ngemuva kokwedhilela komunye kwelamathongo. Ukukhumula komame inzilo kuveziwe. Kuvezwe okwenziwayo uma kukhotheme iNkosi, ukubuyiswa kanye nehlambo layo. Kubuye kwavezwa imisebenzi yokushweleza nokubonga izinyandezulu, ukubikela abangasekho kanye nokuhlaba inkomo. Kuvezwe okwenziwayo uma kuhlatshwa inkomo. Kuvezwe imikhosi eminingi eyenziwa isizwe samaZulu lapho kuhlatshwa khona inkomo. Le Mikhosi ukunyathela uselwa, ukubekwa kweNkosi, uMkhosi Womhlanga, ukutshalwa kweNkosi noMkhosi weLembe. Kuvezwe nombiko oye uvezwe inkunzi uma ibuya zingakabuyi ezinye izothi bunyalala esibayeni okuye kubike into embi ezovelela uSokhaya. Kuvezwe nokuthi izinkomo zabiwa kanjani uma uSokhaya esedlulele kwelabaphansi. Kubuye kwavezwa inkomo iyinhlawulo ekhishwayo uma kushwelezwa, kuthelelwana amanzi noma kugezwana ngemuva komonakalo noma idliwa uma kukhona olahlwe icala noma kuthengwa ingane. Inkomo ivezwe njengengezamagceke uma kukhona owone ingane yomuntu. Inkomo ivezwe kuyiyona ehlatshwayo uma kukhuliswa umfana. Kuso lesi sahluko inkomo ivezwe kuyinyama esihuqwe ngezinsizi yabhilwa yinyanga yempi bese imfimfithwa ngamabutho uma ezophuma aye empini. Le nyama kusuke kungeyenkunzi emnyama ebulawa ngezandla. Izinkomo zibuye zavezwa njengesipho iNkosi exoshisa ngaso amabutho ahlabene empini kanye nesilwane okwenziwa ngaso imihlabelo. Inyama yenkomo yabaphansi, eyenhloko, eyokuncamisa, umbeka,udondolo, umqholiso, imbeleko, umthothongo, umphako, isihlangu, imvala kanye nomemulo kukhanyisiwe. Esahlukweni sesine kuvezwe ukumisa, izitho nemibala yezinkomo. Konke lokhu * kuvezwe kucebisa ulimi lwesiZulu ngoba ngokubakhona kwakho kuvele amagama amaningj. Lokhu kwenza kubekhona ukucikoza ngolimi kugcine kubenzima kumuntu ongalwazi ulimi ukuqonda okukhulunywa ngakho. Esahlukweni sesihlanii kuvezwe ukuthinteka kwenkomo olimini IwesiZulu. Kuvezwe izisho ezithmta inkomo, izaga ezithinta inkomo, izaga ezikhuzwayo noma ezihaywayo (vi) ezithinta inkomo, izinkondlo ezithinta inkomo, imilolozelo ethinta inkomo, izilandelo ezithinta inkomo kanye nezithakazelo ezithinta inkomo. Kuvezwe ukuthi izinkondlo ezibhalwe ngababhali abehlukene zinamanembe enkomo. Kubuye kwavezwa namahubo athinta izinkomo. Ukuthinteka kwezinkomo ezibongweni zaMakhosi, zamaqhawe kanye nezomasikande kuthintiwe. Izinkomo zitholakale zithinteka futhi ezinganekwaneni kanye nakuziphicaphicwana. Esahlukweni sesithupha okuyisahluko sokugcina kuhlaziywe ucwaningo, kwethulwa izincomo kwasekuphethwa.