Browsing by Author "Mbuli, Thulani John"
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
- ItemUcwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo zasesiqiwini iHluhluwe - uMfolozi(2005) Mbuli, Thulani John; Khumalo, Z.L.M.Lolu cwaningo IwethuIa ingqikithi yomlando ngemveIaphi yamagama okuqanjwe ngawo izindawo ezingaphakathi esiqiwini saseffiuhIuwe - Urnfolozi. Isahluko sokuqaIa siqukethe isethulo socwaningo jikelele. Lesi sahIuko simumethe isingeniso socwaningo .Siqukethe nentshisekelo yocwaningo okuyiyona evuse ivuso nesidingo sokuba kuthundIazwe Ie nyathuko . Sibuka izinhIosongqangi zawo wonke 10 msebenzi, Kubukwa izindlela zokuqhuba ucwaningo kanye nemidiyo yakhona nhlangothi zonkana Isipikili sibethelwe ngalabo abazohIomuIa kuIolu cwaningo kanye naIaboasebeke baphosa itshe esivivaneni. Isahluko sesibili sigxiIe kumveIaphi yamagama jikelele . lsisekelo sakho konke okukuIesi sahIuko sisemithethweni eyahIukehIukene yokulotshwa kwamagama ezilimi ngezilimi Lezo zilimi zithinta isiBhunu , isiDashi, isiNgisi, ezaBathwa kanye nezaboMdabu . Lesi sahluko sewukela nasokhaIweni Iongqondongqondo nongoti kwezokuqanjwa kwamagama lsahIuko sesithathu sibIaziya imvelaphi yamagama asesiqiwini saseffiuhIuwe uvtfolozi . La magama ahIaziywa esuswa emthonjeni womlando ngokufika kwabantu bengabade ezimfundeni zeMfolozi kanye nokuzalwa kwesiqiwu uqobo Iwaso.Ngokweqiniso lesi siqiwu saseffiuhIuwe sidala kunazo zonke iziqiwu ezikhona lapha kweiakwaMthaniya . Isiqiwu saseffiuhImve sasunguIwa ngonyaka we - 1894. Lesi siqiwu sasibubanzi obtmgamahekma ayizinkuIungwane ezingamashumi amabili • nantathu (23 000 ha). Kuze kwaba ngunyaka we -1990 Iapho lesi siqiwu sibIanganiswa nesaseMfolozi esasibubanzi base babungamahektha ayizinkuIungwane ezingamashumi ayisikhombisa nantathu (73 000 ha), Sezihlanganisiwe zibe sezakha amahektha ayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha (96 000 ha). Lezi ziqiwu zenganyelwe ngabongi bezemvelo ngaphansi kwe:t'<'hIangano okuthiwa Ezemvelo. Isahfuko sesine sigxile kuliso elinzulu Iengabade ngemvelo endaweni ethintekayo okuyisiqiwu saseHIuhIuwe - Umfolozi . Iso IesiNtu Iijule ngobunjalo bendawo nemvelo okuphatha uknjula,ukuphakama , amawathanga , amawa , imifula , izingoxi , imithi , amatshe , amanzi , ilanga , inyanga , izinyoni , iziIwane , izimvuIa , izimpi , izifo , imibala nokunye okuningi, Konke Iokhu kucacisa ngokuthe bha ngokungathekisa nokufanisa kwesintu ngezindlela ezahlukahlukene, Kouke Iokhu kuzinze enjuleni nengqikithi abantu bendabuko abalabalabela ukuba iklezwe iphindelelwe ngisho umpheblu yimiznkulu yezizukulwane ngezizukulwane zesizwe kanye nezomb1abajikelele. Isahluko .sesiblanu sijula ngokhaIo Iokublaziywa kocwaningo jikelele . Lapha kucofiywa ngononina ukusuka nokuhlala komsebenzi wengqikithi nomongo wala magama akulesi siqiwu. Ngaphezn kwalokho kwethulwa izincomo jikelele ngokuphathwa ngobumnene nangezandla zozibili kwamagugu engabade kuble kwezikhali zamaNtungwa Ekugcineni kwalo msebenzi ojule ngokwedlulele u1.'UZe ube isivivane nobani nobani ayolangazelela ukuphonsa kuso )tshe qede sibe ngumfelandawonye wesimakade.
- ItemUcwaningo olunzulu ngombono wenkosi uMuntongenakudla Mkhwanazi ngokuhlatshwa kwesoyi lakwaNgqondonkulu "Ungoye" KwaDlangezwa(2004) Mbuli, Thulani John; Khumalo, L.Z.M.Lolu cwaningo lwethula inqikithi yomlando ngombono weNkosi uMuntongenakudla Mkhwanazi ngokuhlatshwa kwesoyi lakwaNgqondonkulu "uNgoye" kwaDlangezwa. Uhlaka lwezahluko zalolu cwaningo zimi kanje: Isahluko sokuqala siqukethe isethulo socwaningo. Isahluko sesibili siqukethe umlando ngobukhosi bakwaZulu kanye nobukhosi bakwaMkhwanazi. Isahluko sesithathu siqukethe umlando , imvelaphi kanye nokudlondlobala kwalesi Sikhungo. Kubhekwa eminyakeni engamashumi amane nantathu sasungulwa. Isahluko sesine siqukethe umlando ngokudlondlobala negalelo eselibekwe yilesi Sikhungo emikhakheni ehlukene yempilo : • Inani labafundi abafunde kulesi Sikhungo kubhekwa unyaka nonyaka • Inani labafundi abafunde oPhikweni IwaseMlazi kusuka eminyakeni elishumi uPhiko luqale ukusebenza . • Inani labafundi abagogode oPhikweni. Isahluko sesihlanu siqukethe umlando ngalaba abalandelayo : • Uhla loSokhaya kanye noMgwamanda WeSikhungo , • Uhla IwabaPhathi kanye namaPhini , • IziNhloko Zemikhakha ehlukehlukene esezike zaphatha ngokulandelana, • Uhla IweziNhloko ZemiNyango ehlukehlukene I Isahluko sesithupha uhlaziyo locwaningo I izincomo nesiphetho.