Browsing by Author "Malibe, Joseph Mzingeli"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
- ItemUbunkondlo obutholakala ezithakazelweni zesiZulu(2009) Malibe, Joseph Mzingeli; Mashiyane, Z.J.Lolu phenyo luzama ukuveza ubunkondlo obutholakala ezithakazelweni zesiZulu. Kulolu hlobo lwezinkondlo okuyizithakazelo sithola ukujiya nokusetshenziswa komqondo okunzulu.Phela izithakazelo zithathwa njengomkhuleko kuleso sibongo kanti futhi izithakazelo ziqukethe umlando wokhondolo lokuzalana kuleso sibongo. Yizona ezihlanganisa uZulu wanamuhla noZulu wayizolo. Lolu phenyo ke luyozama ukuveza ukuthi izithakazelo azisetshenziswa kuphela lapho kubingelelwana, kukhulekwa, kukhongwa noma ubonga okuthile okuphiwayo noma ubonga okuthile okwenzelwe ngulowo muntu. Kodwa lolu phenyo luyozama ukukhombisa ukuthi izithakazelo zijiyile kunalokho zinobunzulu kanye nezimpawu zobunkondlo. Yingakho lolu phenyo kufanele luzame ukuveza lobu bunkondlo nobunzulu obutholakala ezithakazelweni. Lolu phenyo luyozama futhi ukuveza ubunkondlo obukhona ezithakazelweni kumazinga ahlukahlukene. Izinga lokuqala ukuveza isakhiwo sangaphandle. Izinga lesibili ukuzama ukuveza isakhiwo sangaphakathi. Izinga lesithathu ukuzama ukuveza ubunkondlo obusezingeni eliphezulu obubonakala bukhona ezithakazelweni. Lolu phenyo luzobuye luveze izinhlobo zezithakazelo ezikhona esiZulwini. Lolu phenyo luyophethwa ngokuba lethule izihlaziyo kanye nezincomo eziyosiza abanye abahlaziyi nabacubunguli kulo mkhakha wobuciko bomlomo.